Skip to Content

"wakhothama"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:16

UBati Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: Ubabeleni na?

1 uSamuweli 20:41

Esehambile umfana , uDavide wavuka ngaseningizimu , wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

1 uSamuweli 25:41

Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi , wathi: Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.

2 AmaKhosi 4:35

Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe ; umntwana w athimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe.

2 AmaKhosi 4:37

Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma. Ukufa kwasekhanzini

2 iziKronike 25:14

Kwathi u -Amasiya esebuyile ekubulaleni abakwa -Edomi, waletha onkulunkulu babantwana baseSeyiri, wabamisa babe ngonkulunkulu bakhe , wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.

2 uSamuweli 18:28

Wayesememeza u-Ahimahasi, wathi enkosini: Bayede! Wakhothama phambi kwenkosi ebhekise phansi ubuso bakhe , wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho , onikele abantu abaphakamisela isandla sabo enkosini yami, inkosi.

2 uSamuweli 24:20

U-Arawuna walunguza , wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye ; u- Arawuna waphuma , wakhothama phambi kwenkosi , ubuso bakhe bubheke phansi.

AbAhluleli 16:30

USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo . Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

AbAhluleli 5:27

Wakhothama ngasezinyaweni zakhe , wawa, walala; ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa; lapho wakhothama khona, wawela khona efile.

NgokukaJohane 8:6

Bakusho lokho bemlinga , ukuze babe nokummangalela . Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.

NgokukaJohane 8:8

Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.

NgokukaLuka 24:12

Khona uPetru wasuka , wagijimela ethuneni , wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. Abafundi abaya e-Emawuse

UGenesise 18:2

Waphakamisa amehlo akhe , wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe ; wathi ukuba awabone , wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,

UGenesise 47:31

Wayesethi kuye : Funga kimi . Wayesefunga kuye . U-Israyeli wakhothama esihlokweni sombhede.

UGenesise 48:12

UJosefa wawakhipha emathangeni akhe ; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.