Skip to Content

"wakwajuda"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:32

UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.

2 iziKronike 11:17

Base bewuqinisa -ke umbuso wakwaJuda , benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu , ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni. Abafazi nabantwana bakaRehobowamu

2 iziKronike 25:28

Bamthwala ngamahhashi, bammbela koyise emzini wakwaJuda.

AbAhluleli 17:7

Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.

IzEnzo 16:1

Khona wehlela eDerbe naseListra . Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe , indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,

NgokukaLuka 1:39

Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda.

UHagayi 1:1

Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , umbusi wakwaJuda , nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:

UHagayi 1:14

UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki , umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke y abantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo,

UHagayi 2:2

Ake ukhulume kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki , umpristi omkhulu , nakuyo insali yabantu, uthi:

UHagayi 2:21

Yisho kuZerubabele umbusi wakwaJuda , uthi: Ngiyakuzamazamisa amazulu nomhlaba,

UHezekeli 48:22

Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.

UHezekeli 48:8

Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo , ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amab ili nanhlanu , ubude bube njengesinye sezabelo , kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.

UJeremiya 44:26

Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu , usho uJehova, Ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: Kuphila kukaJehova.

UZakariya 8:23

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.