Skip to Content

"walalela"

8 occurrences in ZUL

AbAhluleli 13:9

UNkulunkulu walalela izwi likaManowa ; ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehlezi endle; kepha uManowa indoda yakhe wayengenaye.

AmaHubo 66:19

Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.

IzEnzo 16:14

Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya , engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu.

KumaHeberu 11:8

Ngokukholwa u -Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.

U-Eksodusi 18:24

UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo.

UGenesise 16:2

USarayi wathi ku -Abrama: Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami ; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo . U- Abrama walalela izwi likaSarayi.

UGenesise 26:5

ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.

UGenesise 28:7

nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu,