Skip to Content

"wamadokodo"

10 occurrences in ZUL

2 iziKronike 8:13

njengokudingekayo imihla ngemihla , enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo , kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

U-Ezra 3:4

Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo , banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,

UDuteronomi 16:13

Wogcina umkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa emva ko kuba usubuthile okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho sewayini,

UDuteronomi 16:16

Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa ba kho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha : ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo , nangomkhosi wamasonto , nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;

UDuteronomi 31:10

UMose wabayala wathi : Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo , ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo,

ULevitikusi 23:34

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.

UNehemiya 8:12

Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo

UZakariya 14:16

Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.

UZakariya 14:18

Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike , ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.

UZakariya 14:19

Lokhu kuyakuba yisijeziso seGibithe nesijeziso sazo zonke izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.