Skip to Content

"wamemeza"

41 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:21

wamemeza kulowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda , wathi: Usho kanje uJehova , uthi: Njengokuba ungalilalelanga izwi likaJehova , ungagcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,

1 AmaKhosi 20:39

Kwathi inkosi isidlula , wamemeza enkosini , wathi: Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa ; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: Linda lo muntu ; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta lesiliva.

1 AmaKhosi 22:32

Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Impela lo uyinkosi yakwa -Israyeli. Zase ziphambuka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza.

1 uSamuweli 17:8

Wema, wamemeza ezinhleni zakwa -Israyeli, wathi kuzo : Niphumelani ukuhlela impi na ? Angisiye umFilisti , nina niyizinceku zikaSawule , na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi.

1 uSamuweli 20:37

Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo , uJonathani wamemeza emva komfana , wathi: Umcibisholo awungaphambi kwakho na?

1 uSamuweli 20:38

UJonathani wamemeza emva komfana , wathi: Shesha, ukhawuleze, ungemi. Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.

1 uSamuweli 24:8

Naye uDavide wasuka ng asemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: Nkosi yami , nkosi! USawule wabheka emuva , uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

1 uSamuweli 28:12

Lapho owesifazane embona uSamuweli , wamemeza ngezwi elikhulu ; owesifazane wakhuluma noSawule , wathi: Ungikhohliseleni na ? Ngokuba unguSawule.

2 AmaKhosi 11:14

wabuka, bheka, inkosi yayimi ngasensikeni njengomthetho , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wamemeza ngokuthi: Ngugobe! Ngugobe!

2 AmaKhosi 18:28

Wayesema uRabi Shake , wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda , wakhuluma wathi: Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.

2 AmaKhosi 2:12

U-Elisha wakubona , wamemeza wathi : Baba, baba, nqola ka -Israyeli nabamahhashi bakhe ! Akabe esambona futhi ; wabamba izingubo zakhe , waziklebhula kabili. U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe

2 iziKronike 18:31

Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Yena uyinkosi yakwa -Israyeli; zase ziphenduka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.

2 uSamuweli 18:25

Umlindi wamemeza , wayitshela inkosi . Yathi inkosi : Uma eyedwa , unombiko emlonyeni wakhe. Wayelokhu esondela njalo.

AbAhluleli 5:28

Wabheka efasiteleni , wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni : Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?

AbAhluleli 9:7

Lapho kubikwa lokho kuJothamu , waya wema esiqongweni sentaba yaseGerizimu, waphakamisa izwi lakhe , wamemeza, wathi kubo: Ngilaleleni nina bantu baseShekemi ukuba uNkulunkulu anilalele nina.

IzEnzo 16:28

Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.

IzEnzo 23:6

Kepha kwathi uPawulu azi ukuth i enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini , wathi: Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina , ngiyindodana yabaFarisi ; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.

IzEnzo 7:60

Wayeseguqa phansi , wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Nkosi, ungababaleli lesi sono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.

NgokukaJohane 11:43

Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Lazaru, phuma.

NgokukaJohane 12:44

Khona uJesu wamemeza wathi : Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo.

NgokukaJohane 1:15

UJohane wafakaza ngaye , wamemeza wathi: Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami , ngokuba wayekhona kuqala kunami.

NgokukaJohane 7:28

Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini , wathi: Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi ; mina-ke angizizelanga , kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.

NgokukaJohane 7:37

Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.

NgokukaLuka 1:42

wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho!

NgokukaLuka 23:46

UJesu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami. Eseshilo lokho wafa.

NgokukaLuka 4:33

Kwakukhona esinagogeni umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo , wamemeza ngezwi elikhulu, wathi:

NgokukaLuka 8:54

Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: Ntombazana, vuka!

NgokukaLuka 8:8

Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu. Ekusho lokhu wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.

NgokukaMarku 10:48

Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: Ndodana kaDavide, ngihawukele!

NgokukaMarku 15:34

Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Eloi, Eloi, lama sabaktani ? okungukuthi ngokuh unyushwa: Nkulunkulu wami , Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

NgokukaMarku 1:23

Kwakukhona-ke esinagogeni umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,

NgokukaMarku 9:26

Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo , baze bathi abaningi: Usefile.

NgokukaMathewu 27:46

Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

NgokukaMathewu 27:50

UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.

U-Eksodusi 19:3

UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye , wathi: Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi:

U-Eksodusi 34:6

UJehova wadlula phambi kwakhe , wamemeza wathi : NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,

U-Esteri 6:11

UHamani wathatha -ke isambatho nehhashi , wamembathisa uMoridekayi , wamkhwelisa esigcawin i somuzi , wamemeza phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

U-Isaya 36:13

Wayesema uRabi Shake , wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda , wathi: Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.

UDaniyeli 4:14

Wamemeza ngamandla , washo kanje, wathi: Gawula umu thi, unqume amagatsha awo , uvuthulule amaqabunga awo , uhlakaze izithelo zawo ; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.

UJona 3:4

UJona waqala ukungena emzini , uhambo losuku lwaba lunye , wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.

UZakariya 7:13

Kwathi njengalokho wamemeza , bona bengezwanga , kanjalo, usho uJehova Sebawoti, bayakumemeza bona, ngingezwa mina.