Skip to Content

"wamkhwelisa"

6 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:33

Amadoda aqaphela lokho , ashesha ukuqinisa okuvela kuye , athi: Ngumfowenu uBeni Hadadi . Wathi: Hambani, nimlande. UBeni Hadadi wayesephumela kuye; wamkhwelisa inqola yakhe.

2 AmaKhosi 10:15

Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye : Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na ? Wathi uJehonadaba: Yebo. Wathi uJehu: Uma kunjalo , nginike isandla sakho . Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.

NgokukaLuka 10:34

waya kuye , wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafu tha newayini , wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.

U-Esteri 6:11

UHamani wathatha -ke isambatho nehhashi , wamembathisa uMoridekayi , wamkhwelisa esigcawin i somuzi , wamemeza phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

UDuteronomi 32:13

Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba , wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,

UGenesise 41:43

Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe , bathi: Guqani! Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.