Skip to Content

"wamnika"

45 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:18

Basuka kwaMidiyani , beza ePharanu ; bathatha amadoda ePharanu , baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.

1 AmaKhosi 11:19

UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro , waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi.

1 AmaKhosi 15:4

Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,

1 AmaKhosi 17:23

U-Eliya wayesethatha umntwana , wamehlisa ekamelweni eliphezulu , wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: Bheka, indodana yakho isiyaphila.

1 AmaKhosi 3:6

USolomoni wathi : Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso , nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe , wamgcinela futhi lowo musa omkhulu , wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi , njengokuba kunjalo namuhla.

1 AmaKhosi 4:29

UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.

1 AmaKhosi 5:11

USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni , ukudla kwabendlu yakhe , namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo ; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.

1 AmaKhosi 5:12

UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye ; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni ; benza isivumelwano bobabili. Ukwakhiwa kwethempeli kuyalungiswa

1 iziKronike 25:5

bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenk osi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe ; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.

1 iziKronike 28:11

UDavide wamnika uSolomoni indodana yakhe isifanekiso sompheme nesezindlu zethempeli , nesengcebo yalo , nesamakamelo alo aphezulu , nesamakamelo alo angaphakathi, nesendlu yesihlalo somusa;

1 iziKronike 29:25

UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa - Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe. Ukufa kukaDavide

1 iziKronike 4:10

UJabesi wabiza uNkulunkulu ka -Israyeli, wathi: Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami , isandla sakho sibe nami , ungivikele ebubini , ngingehlelwa ngubuhlungu . UNkulunkulu wamnika akucelayo.

1 uSamuweli 22:10

Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti.

1 uSamuweli 27:6

U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla.

2 AmaKhosi 10:15

Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye : Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na ? Wathi uJehonadaba: Yebo. Wathi uJehu: Uma kunjalo , nginike isandla sakho . Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.

2 AmaKhosi 15:19

Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase -Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.

2 AmaKhosi 18:15

UHezekiya wamnika lonke isiliva elalifunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi.

2 AmaKhosi 23:35

UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro . Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide , kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.

2 iziKronike 20:30

Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.

2 iziKronike 32:24

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze waba sengozini yokufa ; wakhuleka kuJehova; yena wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.

AbAhluleli 15:6

AmaFilisti ayesethi : Ngubani okwenzile lokho na ? Bathi: NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna , ngokuba yena uthathe umkakhe , wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.

AbAhluleli 3:12

Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u -Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka - Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.

AbAhluleli 3:17

Wamnika u -Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho , kepha u -Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu.

AmaHubo 74:14

Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani , wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.

IzEnzo 10:40

Lowo uNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu , wamnika ukuba abonakale,

KwabaseFilipi 2:9

Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu , wamnika igama eliphezu kwamagama onke,

NgokukaMarku 15:45

Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu.

U-Eksodusi 31:18

Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi , izibhebhe zamatshe , zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.

U-Esteri 4:8

Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe , ukuze amtshengise yona u -Esteri, amtshele ngayo , amyale ukuba angene enkosini uk unxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.

U-Isaya 40:14

Walulekana nobani waze wamqondisa , wamfundisa ind lela yokwahlulela , wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na?

UDaniyeli 1:9

UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.

UGenesise 14:20

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izith a zakho esandleni sakho. U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.

UGenesise 16:3

USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe , incekukazi yakhe , wamnika u -Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe , u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

UGenesise 25:5

U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho.

UGenesise 41:45

UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi uSafenati Phaneya; wamnika u- Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase -Oni abe ngumkakhe . UJosefa waphuma, wahamba izwe lonke laseGibithe.

UJobe 42:11

Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili , badla endlini yakhe ; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlis ele khona , yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.

UJoshuwa 14:13

UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe yifa lakhe.

UJoshuwa 15:13

Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa , umuzi ka-Araba uyise ka- Anaki, oyiHebroni.

UJoshuwa 21:43

UJehova wamnika-ke u -Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise , balidla, bakha kulo.

UNumeri 27:23

wabeka izandla zakhe phezu kwakhe , wamnika isikhundla , njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.

UNumeri 31:41

UMose wamnika u -Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

UNumeri 3:51

UMose wamnika u -Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

URuthe 2:14

Ngesikhathi sokudla uBowazi wathi kuye : Woza lapha , udle isinkwa , ugcobhoze ucezu lwa kho kuviniga . Wahlala eceleni kwabavuni , wamnika utshwele, wadla wasutha, washiya phansi.

URuthe 2:18

Wakuthatha, wangena emzini ; uninazala wabona lokho abekukhothozile ; wakhipha, wamnika lokho akushiyile esesuthile.

URuthe 4:13

UBowazi wayesemthatha uRuthe , waba ngumkakhe ; wangena kuye ; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana.