Skip to Content

"wanikela"

47 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:15

USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJer usalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova , wanikela ngeminikelo yokushiswa , wanikela ngeminikelo yokuthula , wazenzela izinceku zakhe zonke idili. Ukuhlakanipha kukaSolomoni ekwahluleleni

1 AmaKhosi 3:4

Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona , ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu ; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo.

1 AmaKhosi 8:63

USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova , izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

1 AmaKhosi 8:64

Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalinga phambi kwendlu kaJehova , ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa , nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.

1 AmaKhosi 9:25

Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu. Imikhumbi kaSolomoni

1 iziKronike 21:26

UDavide wamakhela khona uJehova i -altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula , wambiza uJehova ; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.

1 uSamuweli 13:9

USawule wayesethi : Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula. Wanikela ngomnikelo wokushiswa.

1 uSamuweli 30:23

Wayesethi uDavide: Aniyikwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguJehova osilondolozile, wanikela esandleni sethu iviyo elasihlasela.

1 uSamuweli 7:9

USamuweli wathatha iwundlu elincelayo , wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova ; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova ; uJehova wamphendula.

2 AmaKhosi 11:10

Umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaJehova.

2 iziKronike 1:6

USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e -altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana , wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo.

2 iziKronike 24:24

Ngokuba impi yase -Aramu yafika neviyo elincane labantu , nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo , ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi.

2 iziKronike 33:16

Wakha i -altare likaJehova , wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga , washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

2 iziKronike 7:7

USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula , ngokuba i -altare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingenakwanela umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni.

2 iziKronike 8:12

Khona uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova e -altare likaJehova ayelakhe phambi kompheme

2 uSamuweli 24:25

UDavide wamakhela khona uJehova i -altare, wanikela nge minikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula . UJehova wancengwa ngenxa yezwe , isifo sanqamuka kwa-Israyeli.

AbAhluleli 13:19

UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu , wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela.

AbAhluleli 1:4

UJuda wakhuphuka ; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.

AbAhluleli 3:10

UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.

AmaHubo 78:48

Wanikela izinkomo zabo esichothweni nezimvu zabo kuyo imibani.

AmaHubo 78:50

Walungisela intukuthelo yakhe indlela ; akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.

AmaHubo 78:61

Wanikela amandla akhe ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.

AmaHubo 78:62

Wanikela abantu bakhe enkembeni, wathukuthelela ifa lakhe.

KumaHeberu 11:17

Ngokukholwa u -Abrahama evivinywa wanikela ngo -Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,

KumaHeberu 11:4

Ngokukholwa u -Abela wanikela kuNkulunkulu ng omhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile , uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

NgokukaJohane 3:16

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka , waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

NgokukaJohane 3:35

UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.

U-Eksodusi 38:26

kwaba yilowo nalo wo wanikela ngebeka eliyinxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu , abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

U-Eksodusi 40:29

Wabeka i -altare lomnikelo woku shiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.

UGenesise 22:13

U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe , wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo ; u-Abrahama waya wayithatha inqama , wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.

UGenesise 27:17

Wanikela esandleni sikaJakobe indodana yakhe isilovela nesinkwa akulungisileyo.

UGenesise 31:54

UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.

UGenesise 39:22

Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza.

UGenesise 40:21

Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esik hundleni sayo , waze wanikela indebe esandleni sikaFaro;

UGenesise 46:1

U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe , wafika eBeri Sheba , wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.

UGenesise 8:20

UNowa wamakhela uJehova i -altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyon i ezihlambulukileyo , wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.

UJobe 1:5

Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo , uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni , wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke ; ngokuba uJobe wathi : Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo . Wenze njalo uJobe imihla yonke.

UJoshuwa 10:32

uJehova wanikela iLakishi esandleni sakwa -Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke ababekulo njengakho konke abekwenzile kulo iLibina.

UJoshuwa 21:44

UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo ; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

ULevitikusi 9:15

Wayeseletha umnikelo wabantu , wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.

ULevitikusi 9:16

Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso.

UNumeri 21:3

UJehova walilalela izwi lika -Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma. Inyoka yethusi

UNumeri 22:40

UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye.

UNumeri 23:14

Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisi ga, wakha ama -altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

UNumeri 23:30

UBalaki wenza -ke njengalokho eshilo uBileyamu ; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

UNumeri 7:19

Wanikela kwaba ngumnikelo wakhe uqwe mbe lwesiliva , isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu , nokhamba olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,

UNumeri 8:21

AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova ; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.