Skip to Content

"waphenduka"

22 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:20

U-Orinani waphenduka , wayibona ingelosi ; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni.

2 AmaKhosi 23:16

UJosiya waphenduka , wabona amathuna ayelapho entabeni ; wathumela wakhipha amathambo emathuneni , wawashisa e -altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owameme zela lezi zinto.

AbAhluleli 18:26

Bahamba abantwana bakwaDani ; uMika esebonile ukuthi banamandla kunaye, waphenduka, wabuyela endlini yakhe.

AmaHubo 106:45

Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.

AmaHubo 85:3

Wamukisa yonke intukuthelo yakho , waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.

IzEnzo 16:18

Yakwenza lokho izinsuku eziningi . Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya : Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo. Wayesephuma ngaso leso sikhathi.

NgokukaJohane 1:38

Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Bathi kuye: Rabi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, uhlalaphi na?

NgokukaJohane 20:14

Eseshilo lokho waphenduka , wabona uJesu emi , kepha wayengazi ukuthi nguJesu.

NgokukaJohane 20:16

UJesu wathi kuye: Mariya! Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: Rabuni, okungukuthi: Mfundisi.

NgokukaLuka 14:25

Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo:

NgokukaLuka 7:9

UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo , waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: Ngithi kini : Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.

NgokukaMarku 8:33

Kepha waphenduka , wabheka abafundi bakhe , wamkhuza uPetru , wathi: Buyela emva kwami , Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.

NgokukaMarku 9:2

Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru , noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa ; waphenduka esinye isimo phambi kwabo.

NgokukaMathewu 16:23

Yena waphenduka , wathi kuPetru : Buyela emva kwami , Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.

NgokukaMathewu 17:2

Waphenduka esinye isimo phambi kwabo ; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.

U-Eksodusi 10:6

Izindlu zakho , nezindlu zezinceku zakho zonke , nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso , abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo , selokhu ba fika emhlabeni kuze kube namuhla . Waphenduka, waphuma kuFaro.

U-Eksodusi 32:15

UMose waphenduka , wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe , izibhebhe ezazilotshwe nxazombili , zalotshwa ngalapha nangalapha.

U-Eksodusi 7:23

UFaro waphenduka wangena endlini yakhe , kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho.

U-Eksodusi 9:10

Base bethatha umlotha waseziko , bema phambi kukaFaro ; uMose wawusakazela ngasezulwini, waphenduka amathumba aqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni.

U-Isaya 1:21

Yeka umuzi othembekileyo waphenduka , waba yisifebe , wena owawugcwele ukwahlulela ! Ukulunga kwakuhlezi khona , kepha manje ababulali.

U-Isaya 63:10

Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.

UJoshuwa 7:26

Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe ; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.