Skip to Content

"waphonswa"

5 occurrences in ZUL

IsAmbulo 12:9

Wayesephonswa phansi udrako omkhulu , inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke , waphonswa phansi emhlabeni , nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.

IsAmbulo 20:10

noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule , lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga ; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade. Ukwahlulelwa kokugcina

IsAmbulo 20:15

Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila , waphonswa echibini lomlilo.

UDaniyeli 6:16

Yayisiyaleza inkosi , walethwa uDaniyeli , waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma , yathi kuDaniyeli : UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.

UHezekeli 16:5

Awuhawukelwanga yiso ukuba kwenziwe lokhu kuwe, uphathwe ngobubele, kepha waphonswa endle, lokhu wanengeka ngosuku lokuzalwa kwakho.