Skip to Content

"waprofetha"

12 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 10:10

Lapho sebefike khona entabeni , bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye ; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.

1 uSamuweli 10:11

Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye : Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?

1 uSamuweli 19:23

Wayeseya khona eNayoti eRama ; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama.

1 uSamuweli 19:24

Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku . Ngalokho kwathiwa: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?

2 iziKronike 20:37

U-Eliyezeri indodana kaDodavahu waseMaresha waprofetha ngoJehoshafati ngokuthi: Ngenxa yokuba uzihlanganisile no -Ahaziya, uJehova uyakudiliza imisebenzi yakho. Yaphuka-ke imikhumbi, yathiyeka ukuya eTharishishi.

EkaJuda 1:14

U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,

NgokukaJohane 11:51

Lokho kakushongo ngokwakhe , kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe;

NgokukaLuka 1:67

UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi:

NgokukaMarku 7:6

Wayesethi kubo : U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;

NgokukaMathewu 15:7

Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:

UJeremiya 26:18

UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda , wathi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

UJeremiya 26:20

Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi ; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.