Skip to Content

"waqhubeka"

14 occurrences in ZUL

1 iziKronike 11:9

UDavide waqhubeka njalo ngokukhula , ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye. Amaqhawe kaDavide

1 uSamuweli 14:19

Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: Susa isandla sakho.

1 uSamuweli 2:26

Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula , waba muhle kuJehova nakubantu. Izwi lokwahlulela indlu ka-Eli

2 iziKronike 28:22

Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova , yona leyo nkosi u-Ahazi.

2 uSamuweli 3:1

Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo , kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo. Amadodana kaDavide

2 uSamuweli 5:10

UDavide waqhubeka njalo ngokukhula , ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.

IzEnzo 12:3

Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda , waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.

NgokukaLuka 2:52

UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni , nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.

NgokukaMarku 14:35

Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.

NgokukaMathewu 26:39

Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha ; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.

U-Esteri 8:3

U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi , wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.

U-Isaya 57:17

Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.

U-Isaya 7:10

UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:

UJobe 36:1

U-Elihu waqhubeka wathi: