Skip to Content

"wavula"

21 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 3:15

USamuweli walala kwaze kwasa , wavula iminyango yendlu kaJehova . USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.

2 AmaKhosi 4:35

Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe ; umntwana w athimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe.

2 AmaKhosi 6:17

U-Elisha wakhuleka , wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone . UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku , yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.

2 AmaKhosi 6:20

Kwathi sebefike eSamariya , u-Elisha wathi : Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone . UJehova wavula amehlo abo , babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.

2 iziKronike 29:3

Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.

AmaHubo 105:41

Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza emahlane njengomfula.

AmaHubo 78:23

Nokho wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu,

IzEnzo 10:34

Khona uPetru wavula umlomo , wathi: Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

IzEnzo 8:35

UFiliphu wavula umlomo wakhe , eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

U-Isaya 26:15

Wandisa isizwe , Jehova, wandisa isizwe , wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe.

UDuteronomi 11:6

nowakwenzayo kuDathani naku -Abiramu amadodana ka -Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya nabendlu yabo , namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.

UGenesise 21:19

UNkulunkulu wavula amehlo akhe , wabona umthombo wamanzi , waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

UGenesise 29:31

UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa , wavula isizalo sakhe ; kepha uRaheli wayeyinyumba.

UGenesise 30:22

UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli , uNkulunkulu wamuzwa , wavula isizalo sakhe.

UGenesise 41:56

Indlala yayisebusweni bezwe lonke ; uJosefa wavula zonke izinqolobane , wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.

UGenesise 8:6

Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.

UHezekeli 33:22

Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa , engakafiki ophunyukileyo, kepha wavula umlomo wami engakafiki kimi e kuseni; wavulwa umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.

UJobe 3:1

Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.

UNumeri 16:32

umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya nezindlu zabo , nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.

UNumeri 22:28

UJehova wavula umlomo wembongolo , yathi kuBileyamu: Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?

UNumeri 26:10

umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo , lapho umlilo waqeda ama doda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.