Skip to Content

"wawoyihlo"

15 occurrences in ZUL

2 iziKronike 13:12

Futhi bhekani , uNkulunkulu unathi , uyinhloko yethu , kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani ; bantwana bakwa -Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo , ngokuba aniyikuphumelela.

2 iziKronike 28:9

Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu -Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya , wathi kubo : Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda , wabanikela esandleni senu , kepha nin a nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.

IzEnzo 7:32

NginguNkulunkulu wawoyihlo , uNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe. UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.

U-Eksodusi 3:13

UMose wayesethi kuNkulunkul u: Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa - Israyeli, ngithi kubo: U Nkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini , bese bethi kimi: Ngubani igama lakhe? ngizakuthini kubo na?

U-Eksodusi 3:15

UNkulunkulu wathi futhi kuMose: Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa - Israyeli, uthi: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ungithumile kini . Yileli eliyigama lami kuze kube phakade , lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.

U-Eksodusi 3:16

Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe , ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokuniha mbela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.

U-Ezra 10:11

Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo , nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.

U-Ezra 8:28

Ngathi kubo : Ningcwele kuJehova , nezitsha zingcwele ; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo.

UDuteronomi 12:1

Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.

UDuteronomi 1:11

UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.

UDuteronomi 1:21

Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe pham bi kwenu : khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akhuluma kini; ningesabi, ningapheli amandla.

UDuteronomi 27:3

ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho , nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo.

UDuteronomi 4:1

Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.

UDuteronomi 6:3

Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukub a kube kuhle kuwe , nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.

UJoshuwa 18:3

UJoshuwa wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?