Skip to Content

"wenkazimulo"

9 occurrences in ZUL

1 kaPetru 4:14

Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu , nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.

1 kaPetru 5:1

Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo , nofakazi wezinhlupheko zikaKristu , nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:

1 kaPetru 5:4

kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu , niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.

AmaHubo 29:3

Izwi likaJehova liphezu kwamanzi , uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma ; uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.

IzEnzo 7:2

Yena wathi : Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u -Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,

KumaHeberu 2:7

Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.

KumaHeberu 2:9

kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi , uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

Kwabase-Efesu 1:17

ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu , uYise wenkazimulo , aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;

KwabaseFilipi 3:21

oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa , ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.