Skip to Content

"wenkonzo"

13 occurrences in ZUL

1 iziKronike 23:24

Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamaga ma ngezinhloko zabo , abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.

1 iziKronike 23:28

Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,

1 iziKronike 25:1

UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu , nangezingubhu, nangamasimbali; umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:

1 iziKronike 28:13

nangezigaba zabapristi nezamaLevi , nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova;

1 iziKronike 28:20

Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe : Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu wami , unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.

1 iziKronike 9:13

nabafowabo, izinhloko zezindlu zawoyise , beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha , amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo yasendlini kaNkulunkulu.

1 iziKronike 9:19

UShalumi kaKore ka -Ebiyasafa kaKora , nabafowabo bendlu kayise , amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo , bengabalindisango etabernakele; oyise babemele ikamu likaJehova bengabalindisango.

2 iziKronike 24:12

Inkosi noJehoyada bayinika abenza umsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, baqasha abakhi nababazi ukuvusa indlu kaJehova , nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaJehova.

U-Eksodusi 35:24

Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha.

U-Eksodusi 36:3

Bawamukela kuMos e wonke umnikelo , abantwana bakwa -Israyeli ababewulethele umsebenzi wenkonzo yendlu engcwele ukuba wenziwe ngawo. Kepha babesaletha kuye njalo imihla ngemihla ekuseni iminikelo yesihle.

UNumeri 4:47

kusukela kwabaneminyaka engamashumi am athathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana,

UNumeri 8:24

Yilokhu okungokwamaLevi : kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili nanhlanu kuya phezulu ayakungena ukugcina umsebenzi wenkonzo yetende lokuhlangana:

UNumeri 8:25

kusukela kwabaneminyaka engamas humi ayisihlanu bayakuphuma emsebenzini wenkonzo, bangabe besakhonza;