Skip to Content

"wokuphila"

27 occurrences in ZUL

1 kaPetru 3:7

Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi , njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakatha ka, nibanike udumo , lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa. Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni

AmaHubo 36:9

Ngokuba ukuwe umtho mbo wokuphila ; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.

AmaHubo 42:8

Emini uJehova uyaleza umusa wakhe ; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi , ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

EkaJakobe 1:12

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni ; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

IsAmbulo 11:11

Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo ; base bema ngezinyawo zabo , nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.

IsAmbulo 22:14

Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilu ngelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.

IsAmbulo 22:19

futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho , uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila , nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.

IsAmbulo 22:2

Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emace leni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.

IsAmbulo 2:10

Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho . Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe , futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.

IsAmbulo 2:7

Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle ku wo umuthi wokuphila oseParadisi likaNkulunkulu.

IzAga 10:11

Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila , kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.

IzAga 11:30

Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.

IzAga 13:12

Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo ; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.

IzAga 13:14

Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila , ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.

IzAga 14:27

Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila , ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.

IzAga 15:4

Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila , kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

IzAga 3:18

Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo , nababambelela kukh o babusisiwe.

IzAga 5:6

Akanaki umkhondo wokuphila; imikhondo yakhe iyaguquguquka, engazi.

KwabaseRoma 8:2

Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.

UGenesise 2:7

UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi , waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila ; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo. Insimu yase-Edene

UGenesise 2:9

UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo , emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu , nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

UGenesise 3:22

UJehova uNkulunkulu wathi : Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu , uyakwazi okuhle nokubi ; kepha manje makangeluli isandla sakhe , athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.

UGenesise 3:24

Wamxosha u -Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase -Edene amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo , ilinde indlela eya emthini wokuphila.

UGenesise 6:17

Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu ; konke okusemhlabeni kuzakufa.

UGenesise 7:15

Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.

UGenesise 7:22

konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni akho , konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa.

URuthe 4:15

Uyakuba ngumbuyi si wokuphila kuwe , nomondli ebudaleni bakho , ngokuba umalokazana wakho okuthandayo , omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.