Skip to Content

"xwayani"

18 occurrences in ZUL

2 kaPetru 3:17

Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili , xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho , niwe ekuqineni kwenu,

KumaHeberu 3:12

Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho n hliziyo embi , engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

KwabaseFilipi 3:2

Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika.

KwabaseKolose 2:8

Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu , njengezifundiso zokucathula kwezwe , kungenjengokukaKristu. KuKristu kukhona konke ukuphelela kukaNkulunkulu

NgokukaLuka 12:1

Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

NgokukaLuka 17:3

Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.

NgokukaLuka 20:46

Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni nasezindaweni ezingenhla ekudleni,

NgokukaLuka 21:34

Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,

NgokukaMarku 12:38

Ekufundiseni kwakhe wathi : Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,

NgokukaMathewu 10:17

Kepha xwayani abantu , ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo.

NgokukaMathewu 16:11

Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na ? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.

NgokukaMathewu 7:15

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

U-Eksodusi 19:12

Wena-ke wobamise la abantu umkhawulo nxazonke , uthi: Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni , ningathinti umkhawulo wayo . Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;

U-Ezra 4:22

Xwayani ukuba ningayekethisi kulokho ; kungase kwande ukonakala , kulimaze amakhosi, na?

U-Isaya 36:18

Xwayani ukuba uHezekiya anganiyengi ngokuthi : UJehova uyakusophula. Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?

UDuteronomi 11:16

Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe , niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,

UDuteronomi 4:23

Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.

UJeremiya 17:21

usho kanje uJehova , uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha , ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;