Skip to Content

"yabafileyo"

65 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:6

Yenza njengokuhlak anipha kwakho , ungayehlisi impunga ngokuthula endaweni yabafileyo.

1 AmaKhosi 2:9

Ngalokho ungamyeki abe ngongenaca la, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.

2 uSamuweli 22:6

Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.

AmaHubo 116:3

Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.

AmaHubo 139:8

Uma ngikhuphukela ezulwini , wena ulapho ; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

AmaHubo 141:7

Njengalokhu umuntu elima , eklaya umhlabathi , amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.

AmaHubo 16:10

Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo ; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.

AmaHubo 18:5

Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.

AmaHubo 30:3

Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo , wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.

AmaHubo 31:17

Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ng iyakubiza; mabajabhiswe ababi , bathuliswe endaweni yabafileyo.

AmaHubo 49:14

Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa , abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa , isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

AmaHubo 49:15

Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wam i esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela

AmaHubo 55:15

Ukufa makubazume , bashonele endaweni yabafileyo besezwa , ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.

AmaHubo 6:5

Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni ; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?

AmaHubo 86:13

Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami , ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.

AmaHubo 88:3

Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi , ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.

AmaHubo 89:48

Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa , akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela

AmaHubo 9:17

Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo , bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6

Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho , njengophawu engalweni yakho , ngokuba uthando lunamand la njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.

IzAga 15:11

Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova ; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.

IzAga 15:24

Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezul u ukuba adede endaweni yabafileyo phansi.

IzAga 1:12

sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo , besaphilile njengabehlela egodini;

IzAga 23:14

Uyakumshaya ngoswazi , wophule umphefumulo wakhe endaweni yabafileyo.

IzAga 27:20

Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.

IzAga 30:16

indawo yabafileyo, nesizalo esiyinyumba, nomhlaba ongasuthi ngamanzi , nomlilo ongasho ukuthi: Kwanele!

IzAga 5:5

Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni ; izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.

IzAga 7:27

Indlu yakhe iyindlela eya endawemi yabafileyo , yehlela emakamelweni okufa.

IzAga 9:18

Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilaph o nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.

KwabaseRoma 14:9

Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.

U-Amose 9:2

Noma befohla endaweni yabafileyo , isandla sami siyakubakhipha khona ; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.

U-Isaya 14:11

Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo , umsindo wezingubhu zenu; izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.

U-Isaya 14:15

Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.

U-Isaya 14:9

Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiw e ukuba ikuhlangabez e ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi , zonke izikhulu zomhlaba , isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.

U-Isaya 28:15

Ngokuba nithe : Senzile isivumelwano nokufa , sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula , asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu , sicashile phansi kwenkohliso.

U-Isaya 28:18

Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa , nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikum a; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula , niyakunyathelwa phansi yiso.

U-Isaya 38:10

Ngathi: Ngiphakathi nezinsuku zam i ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.

U-Isaya 38:18

Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi , nokufa akukudumisi ; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.

U-Isaya 57:9

Waya kuMoloki uphethe amafutha , wawandisa amakha akho ; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

U-Isaya 5:14

Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo , yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo , nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.

U-Isaya 7:11

Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho , kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.

UDuteronomi 14:1

Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu ; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.

UDuteronomi 32:22

Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami ; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi , uqede umhlaba nezithelo zawo , wokhele izisekelo zezintaba.

UGenesise 37:35

Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukudud uzwa, wathi: Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila. Uyise wamlilela-ke.

UGenesise 42:38

Wathi: Indodana yami ayiyikwehla nani , ngokuba umfowabo ufile , kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo , niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.

UGenesise 44:29

Nanxa nithatha nalena , niyisuse kimi , yehlelwa yingozi , niyakwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.

UGenesise 44:31

kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho , afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi.

UHezekeli 31:15

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile , ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa ; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.

UHezekeli 31:16

Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe , lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlel a ego dini; yonke imithi yase -Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni , yonke ephuze amanzi , yaduduzwa kokuphansi komhlaba.

UHezekeli 31:17

Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo , ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.

UHezekeli 32:21

Abanamandla bamaqhawe bayakukhuluma ngalo nangabasizi balo , bephakathi kwendawo yabafileyo , bathi: S ebehlile, sebelele abangasokile , bebulewe ngenkemba.

UHezekeli 32:27

Laba babangasokile abawileyo abayikulala namaq hawe ehlela endaweni yabafileyo enezikhali zawo zokulwa , abekwa izinkemba zawo phansi kwamakhanda, nezihlangu zawo ziphezu kwamathambo awo , ngokuba besabisa amaqhawe ezweni labaphilayo.

UHoseya 13:14

Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo , ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho , kufa, kuphi ukuchitha kwakho , ndawo yabafileyo , na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.

UJobe 11:8

Kuphakeme njengezulu -- ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo -- ungazini na?

UJobe 14:13

Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo , ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.

UJobe 17:13

Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami , ngendlalele ukhukho lwami ebumnyameni,

UJobe 17:16

Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo , lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.

UJobe 21:13

Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.

UJobe 24:19

Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa; kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.

UJobe 26:6

Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.

UJobe 7:9

Ifu liphela lihamba ; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.

UJona 2:2

wathi: Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova , wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami.

ULevitikusi 19:28

Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.

UNumeri 16:30

Kepha uma uJehova edala into entsha , umhlaba uvule umlomo wawo , ubagwinye kanye nakho konke okwabo , bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.

UNumeri 16:33

Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.

UmShumayeli 9:10

Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.