"yakhuphukela"
4 occurrences in ZUL
Wayesethuma kuye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphukela kuye; bheka, wayehlezi esiqongweni sentaba. Yakhuluma kuye, yathi: We muntu kaNkulunkulu, inkosi ishilo ukuthi: Yehla.
Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase -Aramu yakhuphukela kuye , yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.
Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.
Yayisidabuka kakhulu inkosi , yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi : Hhawu, ndodana yami Abisalomu , ndodana yami, ndodana yami Abisalomu ! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!