"yala"
13 occurrences in ZUL
Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka.
Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali , bangathembeli engcebeni engemiyo , kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,
Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo , zikholeke ezintweni zonke , zingaphiki nkani,
Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: Uvukile kwabafileyo; kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.
Yala abantu ngokuthi : Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,
Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi , umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.
Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.
Yala abantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.
Yala u -Aroni namadodana akhe , uthi: Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko le-altare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo we-altare uhlale kulo uvutha njalo.
Yala abantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: U mnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi , niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.
Yala abantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo --
Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.
Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu bonke abanochoko , nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo,