Skip to Content

"yalaba"

12 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:27

Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo , kuRehobowamu inkosi yakwaJuda , bangibulale mina , babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.

1 AmaKhosi 12:7

Akhuluma kuye , athi: Uma uyakuba yinceku yalaba bantu namhla nje , ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo , bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke.

1 AmaKhosi 22:23

Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalaba baprofethi bakho bonke; uJehova ukhulumile okubi ngawe.

2 iziKronike 18:22

Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalaba baprofethi bakho; uJehova ukhulumile okubi ngawe.

U-Isaya 6:10

Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale , nezindlebe zabo zibe buthuntu, ufiphaze amehlo abo , funa babone ngamehlo abo , bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.

U-Isaya 8:11

Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla , wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:

UDuteronomi 20:16

Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo,

UDuteronomi 9:27

Khumbula izinceku zakho o -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo,

UNumeri 16:38

imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayak ulimboza i -altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele ; iyakuba luphawu kubantwana bakwa - Israyeli.

UZakariya 8:11

Kepha angisayikuba njalo kuyo insali yalaba bantu njengasezinsukwini zakuqala, usho uJehova Sebawoti.

UZakariya 8:12

Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula ; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.

UZakariya 8:6

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezo zinsuku , kuyakuba yisimangaliso emehlweni ami na ? usho uJehova Sebawoti.