"yamahlombe"
39 occurrences in ZUL
UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kan ye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo , nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.
u-Ahiya indodana ka -Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo , wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.
Wayesethi umpristi : Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe . Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo. UDavide wathi: Ayikho enjengayo; nginike yona.
Inkosi yathi kuDowegi : Sondela wena , usukele abapristi . UDowegi wabakwa-Edomi wasondela , wabasukela abapristi , wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu , abembethe ingubo yamahlombe yelineni.
Kwathi lapho u -Abiyathara indodana ka -Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.
UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye ; wathi ku -Abiyathara umpristi: Letha ingubo yamahlombe.
USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.
Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e -altare lami , ashise impepho , afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa - Israyeli.
UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe . U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.
UDavide wasina ph ambi kukaJehova ngamandla akhe onke ; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.
Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu , wenza ingubo yamahlombe namatherafi , wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo : Niyazi yini ukuthi kukho na kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo , nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka , bafika lapho , basithatha isithombe esibaziweyo , nengubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibunjiweyo ; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.
Labo sebengenile endlini kaMika basithatha isithombe esiba ziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wathi kubo: Nenzani na?
Yayisithokoza inhliziyo yompristi , wayithatha ingubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu.
UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho , wayibeka emzini wakhe e - Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona ; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.
namatshe amashohamu , namatshe okufakwa , awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe , abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa -Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.
Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nan gokububende nangokubomvu , nangelineni el icolekileyo lemicu ephothiweyo.
Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo wozifaka ezisekelweni zombili, uzibeke ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe.
Uyakuwenza amasongo amabili egolide , uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene ne ngubo yamahlombe ngaphakathi.
Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili , eduze nokuhlangana kwayo , phezu kwebhande elifeketshisiweyo lengubo yamahlombe.
Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emaso ngweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe , ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke,
Yilezi izambatho abayakuzenza : isihlangu sesifuba , nengubo yamahlombe , nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande, bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti.
Wothabatha izambatho , ufake ku -Aroni ibhantshi , nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe , nesihlangu sesifuba , umbhincise ngebhande elalukiweyo lengubo yamahlombe;
Izinduna zaletha amatshe amashohamu namatshe okufakwa , awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,
namatshe amashohamu, namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka ezisekelweni ezimbili, wazibeka ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe.
Base bewenza amasongo amabili egolide , bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi.
Wayenza ingubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
Bawenza amasongo amabili egolide , bawafaka ezizibeni zombili zengub o yamahlombe phansi ngaphambili , eduze nokuhlangana kwayo , phezu kwebhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe.
Base bebopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande elifekethisiweyo le ngubo yamahlombe , ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlom be, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Walenza ijazi lengubo yamahlombe ngokwalukiweyo, ngokuluhlaza lonke.
Wawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe , abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wayesesenza isihlangu sesifuba, umsebenzi wengcweti, njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe , ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa -Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.
Wamfaka ibhantshi , wambhincisa ibhande , wamembathisa ijazi ; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.