Skip to Content

"yamvuthela"

6 occurrences in ZUL

1 iziKronike 13:10

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

1 uSamuweli 17:28

U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu ; intukuthelo ka -Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na ? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho , ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.

2 iziKronike 25:15

Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Amasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye : Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?

2 uSamuweli 6:7

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.

AbAhluleli 10:7

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.

U-Eksodusi 4:14

Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose ; wathi: Akakho umfowenu u- Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena . Futhi bheka , uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona , uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.