Skip to Content

"yasesiyoni"

52 occurrences in ZUL

1 iziKronike 11:5

Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide : Awuyikungena lapha . UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

2 AmaKhosi 19:21

Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye: Ikudelele yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

2 AmaKhosi 19:31

Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insal i nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova kuyakufeza lokho.

2 uSamuweli 5:7

UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

AmaHubo 125:1

Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.

AmaHubo 48:11

Mayijabule intaba yaseSiyoni , kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

AmaHubo 48:2

Inhle ngokuphakama , ingukuthokoza komhlaba wonk e intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.

AmaHubo 74:2

Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo , owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.

AmaHubo 78:68

Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.

AmaHubo 9:14

ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.

IsAmbulo 14:1

Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni , kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane , benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

IsiLilo 1:6

Bonke ubukhosi bumukil e endodakazini yaseSiyoni ; izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo, zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.

IsiLilo 2:10

Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo , abhince indwangu yamasaka . Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.

IsiLilo 2:13

Ngingafakaza ngokuthini ngawe , ngikufanise nani , ndodakazi yaseSiyoni , na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze , ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na ? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle . Ngubani ongakuphulukisa na?

IsiLilo 2:18

Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini ; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni , izinyembezi mazehl e njengemifula imini nobusuku . Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.

IsiLilo 2:4

Yansala umnsalo wayo njengesitha , yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu . Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.

IsiLilo 2:8

UJehova wayecebile ukuchitha ugang e lwendodakazi yaseSiyoni; wawelula umucu wokulinganisa, akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni; wenza ukuba kukhale ugange nodonga, kudangale kanyekanye.

IsiLilo 4:22

Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.

IsiLilo 5:18

ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.

KumaHeberu 12:22

kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo , iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,

NgokukaJohane 12:15

Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo.

U-Isaya 10:12

Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase - Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.

U-Isaya 10:32

Namhla nje liyema ngaseNobi , linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.

U-Isaya 16:1

Thumani amawundlu ombusi wezw e aphume eSela ngasehlane , aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.

U-Isaya 18:7

Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawot i yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo , sivela kubantu abesa bekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo , esilizwe laso lidatshulwe yimifula , endaweni yegama likaJehova Sebawoti , intaba yaseSiyoni.

U-Isaya 1:8

Indodakazi yaseSiyoni isele njengexhiba esivinini , nanjengedladla ensimini yamaselwa, nanjengomuzi ovinjezelweyo.

U-Isaya 24:23

Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza , nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.

U-Isaya 29:8

Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla , kepha evuka usenephango, noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile; siyakuba njalo isixuku sezizwe zonk e ezisukela intaba yaseSiyoni. Ubumpumputhe bokomoya

U-Isaya 31:4

Ngokuba usho kanje kimi uJehova , uthi: Njengengonyama ebhongayo , ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo , lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo , lingazithobi ngomsindo wabo , kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehl a ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.

U-Isaya 34:8

Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova ; ngumnyaka wokubuy isela ngendaba yaseSiyoni.

U-Isaya 37:22

nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi : Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni ; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

U-Isaya 37:32

Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insal i nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.

U-Isaya 4:1

Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: Siyakudla isinkwa sethu , sembathe izingubo zethu . Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu. Inkazimulo yaseSiyoni

U-Isaya 4:5

UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo y entaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukha nya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.

U-Isaya 52:2

Zithintithe uthuli , usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo ; zikhulule eziboshweni zentamo yakho wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.

U-Isaya 62:11

Bhekani, uJehova uyezwakal a kuze kube sekugcineni komhlaba , ethi: Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi : Bheka, insindiso yakho iyeza . Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.

U-Isaya 8:18

Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona , siyizibonakaliso nezimangaliso kwa -Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.

U-Obadiya 1:17

Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo , ibe ngcwele , nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.

U-Obadiya 1:21

Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.

UDuteronomi 4:48

kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseSiyoni eyiHermoni,

UJeremiya 50:5

Bayakubuza indlela yaseSiyoni , ubuso babo bubhekene nalo , bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.

UJeremiya 6:2

Indodakazi yaseSiyoni etotosiweyo nethambileyo ngiyakuyinquma.

UJeremiya 6:23

Babamba umnsalo nomkhonto ; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi , behleliwe njengabantu abayakulwa , behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.

UJoweli 2:32

Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalem a kuyakuba ngaba sindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.

UMika 1:13

Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane , nina enakhileyo eLakishi ; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni , ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

UMika 4:13

Suka ubhule , ndodakazi yaseSiyoni , ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi , nezinselo zakho ngizenze insimbi ; uyakuchoboza abantu abaningi, kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

UMika 4:7

ngenze abaqhugayo babe yinsali , abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.

UMika 4:8

Wena mbhoshongo womhlambi , negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe, yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika, umbuso wendodakazi yaseJerusalema.

UZakariya 2:10

Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho, usho uJehova.

UZakariya 9:8

Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami , ukuze kungabikho odlula yo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo , ngokuba sengibonile ngawami amehlo. INkosi yaseSiyoni

UZakariya 9:9

Thokoza kakhulu , ndodakazi yaseSiyoni ; jabula nokujabula , ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe , ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.

UZefaniya 3:14

Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.