Skip to Content

"yaso"

50 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:2

U-Ahabi wakhuluma kuNaboti , wathi: Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande sami semifino , ngokuba siseduze nendlu yami , ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso ; kepha uma kukuhle emehlweni akho , ngiyakukunika isiliva libe yintengo yaso.

1 kuThimothewu 5:18

Ngokuba umbhalo uthi : Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo , futhi: Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ngokuthetha amacala nezinye iziluleko

2 AmaKhosi 6:32

Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe , namalunga ehlezi naye ; kepha, singakafiki kuye isithunywa , wathi emalungeni: Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na ? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo , nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo ; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?

AbAhluleli 19:3

Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso , asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

AmaHubo 14:1

Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.

AmaHubo 52:7

Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulun kulu abe yinqaba yaso , kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.

AmaHubo 53:1

Isiwula sithi enhliziyweni yaso : Akakho uNkulunkulu , iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle.

AmaHubo 78:8

Bangabi njengawoyise , isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo , isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso , nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

EkaJakobe 5:20

yazini ukuthi obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.

IsAmbulo 13:12

Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwaso . Siyenza u kuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi yaso yelashwa.

IsAmbulo 13:3

Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa , kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala;

IsAmbulo 17:16

Izimpondo eziyishumi owazibonayo , nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe , zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;

IsAmbulo 9:10

Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi , nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu.

IzAga 12:27

Isidenge asiyosi inyamazane yaso , kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo.

IzAga 18:11

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla ; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

IzAga 25:13

Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna , sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.

IzAga 30:12

Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso , esingahlanzwanga ensileni yaso.

KwabaseGalathiya 4:30

Kodwa umbhalo uthini na ? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.

NgokukaJohane 18:26

Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?

NgokukaLuka 10:7

Hlalani kuleyo ndlu , nidle, niphuze abanipha khona ; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.

NgokukaLuka 11:21

Uma isiqhwaga sihlomile , silinda umuzi waso , impahla yaso ihlezi ngokuthula.

NgokukaLuka 11:22

Kepha nxa onamandla kunaso esisukela , asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.

NgokukaMarku 3:27

Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso , uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso.

NgokukaMarku 7:6

Wayesethi kubo : U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;

NgokukaMathewu 12:29

Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga , aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?

NgokukaMathewu 15:8

Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;

U-Eksodusi 21:32

Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi , uyakunika inkosi yaso amashekeli angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.

U-Eksodusi 21:4

Uma inkosi yaso isinika umfazi , yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe , sona siphume sodwa.

U-Eksodusi 21:6

khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu , isimise emnyango noma ensikeni yomnyango , inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo , size simkhonze kuze kube phakade.

U-Eksodusi 21:8

Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi , njengokuba isiphathe ngenkohliso.

U-Eksodusi 23:4

Uma ufumana inkabi yesitha sakho noma imbongolo yaso iduka , woyibuyisela nokuyibuyisela kuso.

U-Esteri 3:8

UHamani wathi enkosini u -Ahashiveroshi: Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.

U-Ezra 6:5

futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu , uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele , mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema , kube yileso naleso endaweni yaso , zibekwe endlini kaNkulunkulu.

U-Isaya 32:6

Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula , nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu , ikhulume okupha mbene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango , nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.

U-Isaya 9:3

Uyakwandisa isizwe , ukhulise intokozo yaso ; bathokoza phambi kwakh o njengokuthokoza ekuvuneni , njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

UDaniyeli 2:33

imilenze yaso iyinsimbi, izinyawo zaso inxenye yinsimbi, inxenye yibumba.

UDaniyeli 8:11

Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla , lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke , nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi.

UDuteronomi 29:18

funa kube khona phakathi kwenu indoda , noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe , kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;

UDuteronomi 9:18

Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.

UGenesise 21:10

Wathi ku -Abrahama: Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.

UHezekeli 46:12

Lapho isikh ulu siyakulungisa umnikelo wesihle , umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova , siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga , silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha , bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

UHezekeli 46:18

Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo ; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.

UHezekeli 46:2

Isikhulu siyakungen a ngendlela yompheme wesango ngaphandle , sime ngasensikeni yesango , abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula , sikhuleke ngasembundwini wesango ; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa.

UHoseya 10:11

U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo , esithanda ukubhula amabele ; kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle ; sengiyakumbophela u -Efrayimi, uJuda alime, uJakobe azidubele.

UJeremiya 27:11

Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso , usho uJehova, sililime, sihlale kulo.

UJobe 3:19

Lapho nabancane nabakhulu bayafanana ; isigqila sikhululekile enkosini yaso.

UJobe 5:3

Mina ngibonile isiwula sigxilile , kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.

UJoshuwa 13:24

UMose wanika isizwe sakwaGadi, abantwana bakwaGadi, ngemindeni yaso.

UNahume 3:17

Izikhulu zakho zinjengezinkumbi , nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza , kepha lapho liphuma ilanga , sindize simuke , ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.

UNumeri 19:5

isithole sishiswe phambi kwakhe , isikhumba saso , nenyama yaso , negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;