Skip to Content

"yayala"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:17

Inkosi yayala , baqopha amatshe amakhulu , amatshe anenani elikhulu , ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.

2 AmaKhosi 22:12

Inkosi yayala uHilikiya umpristi , no-Ahikamu indodana kaShafani , no- Akibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi , ithi:

2 iziKronike 34:20

Inkosi yayala oHilikiya , no-Ahikamu indodana kaShafani , no-Abidoni indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:

IzEnzo 21:33

Khona induna yenkulungwane yasondela , yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

IzEnzo 21:34

Kepha abanye esixukwini bam emeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.

IzEnzo 22:24

induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu , yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye.

IzEnzo 22:30

Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.

IzEnzo 23:10

Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.

IzEnzo 27:43

kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini,

NgokukaMathewu 18:25

Kepha ingenalutho lokukhokha , inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo , nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.

U-Esteri 1:10

Ngosuku lw esikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini , yayala oMehumani , noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka - Ahashiveroshi inkosi

U-Esteri 6:1

Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini , yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla , zafundwa p hambi kwenkosi.

UJeremiya 36:26

Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi , noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka -Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.