Skip to Content

"yazi"

29 occurrences in ZUL

1 iziKronike 28:9

Wena Solomoni , ndodana yami , yazi uNkulunkulu kayihlo , umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo , ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke , uqonda zonke izizindlo zemicabango ; uma umfuna , uyakufunyanwa nguye ; kepha uma umshiya , uyakukulahla kuze kube phakade.

1 uSamuweli 17:47

yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.

1 uSamuweli 20:7

Uma esho ukuthi : Kulungile, inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.

1 uSamuweli 24:11

Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga , yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami , angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.

1 uSamuweli 25:17

Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke , lokhu engumuntu omubi kangaka , ukuze umuntu angekhulume naye.

1 uSamuweli 28:1

Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no -Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide : Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.

2 AmaKhosi 19:19

Manje, Jehova Nkulunkulu wethu , ake usisindise esandleni sakhe u kuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu , yebo, wena wedwa.

2 kuThimothewu 3:1

Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima;

IzAga 24:14

Yazi uk uthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho ; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo , nethemba lakho aliyikunqunywa.

IzAga 27:23

Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho , ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho.

KumaHeberu 8:11

Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo , nalowo umfowabo , ngokuthi: Yazi INkosi; ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

NgokukaJohane 4:1

Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,

U-Isaya 37:20

Manje, Jehova Nkulunkulu wethu , sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.

UDaniyeli 6:15

Ayesebuthana lawo madoda enkosini , athi enkosini: Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.

UDaniyeli 9:25

Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo , umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa , lihlale lakhiwe , izitaladi zalo nogange lwalo , amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.

UDuteronomi 18:22

yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto , ingaveli iyiyo leyo nto , akusiye uJehova oyikhulumile ; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.

UDuteronomi 4:39

Yazi namuhla , ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.

UDuteronomi 7:9

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

UDuteronomi 9:3

Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo ; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.

UDuteronomi 9:6

Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.

UGenesise 20:7

Kepha manje wen a, buyisa umfazi wendoda , ngokuba ingumprofethi ; iyakukukhulekela ukuba uphile ; uma ungambuyiseli , yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.

UGenesise 24:21

Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi , uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.

UJeremiya 15:15

Uyazi wena Jehova ; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho ; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

UJeremiya 2:19

Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabay o yokuthi umhlub ukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe, isho iNkosi uJehova Sebawoti.

UJeremiya 31:34

abasayikufundisana, kube yilowo na lowo umakhelwane wakhe , kube yilowo nalowo umfowabo , ngokuthi: Yazi uJehova , ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo , usho uJehova , ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.

UJeremiya 3:13

Yazi kuphela ububi bakh o ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizw e phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami, usho uJehova.

UJeremiya 42:19

UJehova ukhulumile ngani ukuthi : Wena nsali yakwaJuda , ungayi eGibithe; yazi nokwazi ukuthi ngifakazile kini namuhla.

UmShumayeli 11:9

Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho , inhliziyo yakho ikuphe ukwenam a emihleni yobunsizwa bakho , uhambe ngezindlela zenhliziyo yakh o njengokubona k wamehlo akho , kepha yazi ukuthi ngakho konke lokh o uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.

UmShumayeli 7:25

Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi , ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindab a ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula , nobuwula ukuthi bungubuhlanya.