"yedwa"
44 occurrences in ZUL
Wonke u -Israyeli uyakumlilela , ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni , lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.
Kuyo iNkosi yaphakade en gabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. UPawulu uyala uThimothewu ukuba alwele iqiniso levangeli
yena yedwa onokungafi , ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho , ongazange abonwe muntu , nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
kepha uma kungekho ohumushayo , kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.
USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka -Israyeli, wathi: Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no- Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova , nimkhonze yena yedwa ; uyakunophula esandleni samaFilisti.
Abakwa-Israyeli base besusa oBali no -Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa. Ukukhiwa kwamanzi eMispa
nguLuka yedwa onami . Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.
UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi : Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke , amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo ; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka - Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.
Ngalokho inkosi yami , inkosi, mayingabeki le nto enhliziyweni yayo yokuthi onke amadodana enkosi afile, ngokuba ngu-Amnoni yedwa ofileyo. Ukubaleka kuka-Abisalomu
Makabongwe uJehova uNkulunkulu , uNkulunkulu ka -Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.
Makahlale yedwa, athule, lapho emthwesa lona.
Sesifikile eRoma , uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.
Ngokukholwa u -Abrahama evivinywa wanikela ngo -Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,
kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka , kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,
Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa , wangihawukela nami , ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.
Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi , yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,
kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.
Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena,
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?
Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza , bambambe, bambeke inkosi , wamonyukela futhi entabeni yena yedwa. UJesu uhamba phezu kolwandle (Math. 14:22; Mark. 6:45)
Bathi ukuzwa lokho , belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye , beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina , uJesu wasala yedwa ; nowesifazane wayemi khona.
NoSathane, uma ehlukene yedwa , umbuso wakhe uyakuma kanjani na ? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.
UJesu waphendula , wathi kuye : Kulotshiwe ukuthi : Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi : Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?
Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?
Kwathi masinyane beqalaza , ababe besabona muntu , kuphela uJesu yedwa enabo.
Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?
Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.
Khona uJesu wathi kuye : Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi : Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.
UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; nabantu abayikukhuphuka naye.
Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa , ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi.
Usho kanje uJehova uMhlengi wakh o nowakubumba kwasesiswini , uthi: NginguJehova owenza konke , oweneka izulu yedwa , nowendlala umhlaba ngokwakhe,
Omunye uyakuthi : NgingokaJehova; omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye azilobele uJehova esandleni sakhe , azidumise ngegama lika-Israyeli. UJehova yedwa unguNkulunkulu
UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.
UJehova uNkulunkulu wathi : Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa . Ngizakumenzela umsizi onjengaye.
Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.
Sase sithi enkosini yami : Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.
Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba , abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo , nezinyoni zezulu ; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa ka nye nakho okwakukhona naye emkhunjini.
oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;
U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa -Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.
Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.
Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa , bambheke abamgwazileyo , bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa , babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.