Skip to Content

"yegazi"

15 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 10:16

Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na ? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?

2 AmaKhosi 24:4

nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.

2 iziKronike 24:25

Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.

2 uSamuweli 21:1

Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni.

2 uSamuweli 3:27

U-Abineri esebuyele eHebroni , uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa , wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.

AmaHubo 16:4

Ziningi izinhlupheko zabazizuzela omunye unkulunkulu ; angiyikunikela ngeminikelo yabo yegazi; angiyikuwaphatha amagama abo ngezindebe zami.

IzEnzo 1:19

kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema , yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.

NgokukaMathewu 27:6

Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva , bathi: Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.

NgokukaMathewu 27:8

Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla.

U-Eksodusi 24:6

UMose wathatha inxenye yegazi , wayithela ezitsheni ; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.

UHezekeli 22:13

Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho.

UHezekeli 36:18

Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.

UHoseya 6:8

IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, linemikhondo yegazi.

ULevitikusi 14:28

umpristi athabathe kuwo amafutha asesandleni sakhe, awabhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa , nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala;

UZakariya 9:11

Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho , ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.