Skip to Content

"yesikhombisa"

30 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:2

Onke amadoda akwa -Israyeli abuthana enkosini uSo lomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.

1 iziKronike 27:10

Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwa -Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

2 AmaKhosi 25:25

Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka -Elishama wozalo lwenkosi , abantu abayishumi benaye , wamshaya uGedaliya waze wafa , kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.

2 iziKronike 31:7

Ngenyanga yesithathu baqala ukubeka izisekelo zezinqwaba , ngenyanga yesikhombisa baziqeda.

2 iziKronike 5:3

Onke amadoda akwa -Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa.

2 iziKronike 7:10

Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo , bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzel e oDavide noSolomoni no -Israyeli abantu bakhe. UNkulunkulu uyabonakala ngokwesibili kuSolomoni

IsAmbulo 10:7

kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa , lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe , njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.

IsAmbulo 11:15

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha ; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi : Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo ; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.

U-Eksodusi 9:12

UJehova wayenz a lukhuni inhliziyo kaFaro , kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose. Inhlupheko yesikhombisa: isichotho

U-Ezra 3:1

Lapho isisondela inyanga yesikhombisa , abantwana bakwa -Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye.

U-Ezra 3:6

Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.

UGenesise 8:4

Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati.

UHagayi 2:1

Ngenyanga yesikhombisa ngolwamashumi amabili nanye lweny anga izwi likaJehova lafika ngesandla sikaHagayi umprofethi, lathi:

UHezekeli 45:25

Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga emkhosini siyakwenza okunjengalezo zinsuku eziyisikhombisa , kunjengomnikelo wesono , nomnikelo wokushiswa , nomnikelo wempuphu , namafutha.

UJeremiya 28:17

Wafa-ke uHananiya umprofethi ngawona lowo mnyaka ngenyanga yesikhombisa.

UJeremiya 41:1

Kwathi ngenyanga yesikhombisa u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka - Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka -Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.

UJoshuwa 19:40

Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo.

ULevitikusi 16:29

Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini : ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu , ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.

ULevitikusi 23:24

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba nokuphumula okuzothileyo , isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele.

ULevitikusi 23:27

Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu , ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.

ULevitikusi 23:34

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.

ULevitikusi 23:39

Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe , anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo , nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.

ULevitikusi 23:41

Niyakuwugcina ube ngumkhosi kuJehova izinsuku eziyisikhombisa ngomnyaka; kuyisimiso esiphakade e zizukulwaneni zenu ; niwugcine ngenyanga yesikhombisa.

ULevitikusi 25:9

Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.

UNehemiya 7:73

Base behlala -ke abapristi , namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini, naye wonke u -Israyeli emizini yabo . Kwathi lapho inyang a yesikhombisa isifikile , abantwana bakwa -Israyeli babe semizini yabo.

UNehemiya 8:14

Bafumanisa kulotshiwe emthethweni ukuthi uJehova wayeyalile ngesandla sikaMose ukuba abantwana bakwa -Israyeli bahlale emadokodweni ngomkhosi wenyanga yesikhombisa,

UNehemiya 8:2

U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla , abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.

UNumeri 29:1

Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.

UNumeri 29:12

Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele ; ningasebenzi msebenzi , nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,

UNumeri 29:7

Ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi,