Skip to Content

"yiba"

30 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:7

Kepha yiba nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi , abe khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho , ngokuba enza kanjalo kimi mhla ngabalekela u-Abisalomu umfowenu.

1 kuThimothewu 4:12

Makungabikho mun tu odelela ubusha bakho , kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi , nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

1 uSamuweli 18:17

USawule wathi kuDavide : Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: Isandla sami masingabi phezu kwakhe , kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.

1 uSamuweli 18:22

USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi : Khulumani noDavide ngasese, nithi: Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.

2 kuThimothewu 2:1

Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;

AbAhluleli 9:8

Imithi yake yaya ukuzigcobela inkosi , yathi kuwo umnqumo : Yiba yinkosi yethu.

AmaHubo 119:58

Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke ; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.

AmaHubo 27:7

Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu; yiba nomusa kimi, ungiphendule.

AmaHubo 30:10

Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.

AmaHubo 31:9

Yiba nomusa kimi , Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi , nomphefumulo wami nomzimba wami.

AmaHubo 4:1

Ngiphendule ekukhaleni kwami , Nkulunkulu wokulunga kwami . Ekucindezelweni wangenzela indawo ; yiba nomusa kimi , uzwe umkhuleko wami.

AmaHubo 56:1

Yiba nomusa kimi , Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwi nya; usuku lonke bayangicindezela belwa.

AmaHubo 57:1

Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe ; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho , zize zidlule izinhlupheko.

AmaHubo 6:2

Yiba nomusa kimi , Jehova, ngokuba ngidangele ; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

AmaHubo 71:3

Yiba kimi idw ala lokuhlala , ukuze ngiye kulo njalonjalo ; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

AmaHubo 86:3

Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.

AmaHubo 9:13

Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,

KwabaseRoma 14:22

Ukukholwa onakho , yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu . Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo;

NgokukaLuka 19:19

Wathi nakuleyo: Nawe yiba phezu kwemizi eyisihlanu.

U-Eksodusi 18:19

Kalokhu lalela izwi lami , ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu , ulethe izindaba kuNkulunkulu,

U-Ezra 10:4

Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba ; thina sinawe ; yiba nesibindi , ukwenze.

U-Isaya 23:4

Yiba namahloni wena Sidoni , ngokuba lukhulumile ulwandle , inqaba yolwandle, ngokuthi: Angibanga namihelo , angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.

U-Isaya 33:2

Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.

U-Isaya 38:14

Ngatshiyozisa okwenkonjane , ngaliliselisa okwejuba ; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami.

U-Isaya 3:6

Lapho umuntu eyakubamba umfowabo endlini kayise ethi: Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,

U-Isaya 41:6

Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe; uthi komfowabo: Yiba nesibindi.

UGenesise 24:60

Bambusisa uRebeka , bathi kuye : Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.

UGenesise 27:29

Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu , amadodana kanyoko akukhothamele ; makaqalekiswe okuqalekisayo , abusiswe okubusisayo.

UMika 4:10

Yiba nemihelo , uzale, ndodakazi yase Siyoni njengobelethayo , ngokuba manje uyakuphuma emzini , uhlale endle , ufike naseBabele , lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

UNumeri 16:16

UMose wayesethi kuKora: Wena yiba nayo yonke inhlangano yakho phambi kukaJehova kusasa, wena, nabo, no-Aroni;