Skip to Content

"yihlane"

10 occurrences in ZUL

IzEnzo 1:20

Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi : Umuzi wakhe mawube yihlane, kungabikho ohlala kuwo , nokuthi: Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.

U-Eksodusi 23:29

Angiyikubaxosha phambi kwakho ngomnyaka owodwa , funa izwe libe yihlane, izilwane zasendle zikwandele.

U-Isaya 14:17

owenza izwe laba yihlane , wayichitha imizi yalo , akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?

U-Isaya 50:2

Ngalokho ekufikeni kwam i kwaba ngani ukuba kungabikho muntu , nasekubizeni kungabikho ophendulayo , na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na ? Noma angisenamandla okophula na ? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle , ngenze imifula ibe yihlane ; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.

UHezekeli 29:10

Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho ; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo , kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.

UHezekeli 35:4

Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane , wena ube yincithakalo , wazi ukuthi nginguJehova.

UJeremiya 22:6

Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi: UyiGileyadi kimi, nekhanda laseLebanoni ; impela ngiyakukwenza ube yihlane nemizi engahlalwa muntu.

UJeremiya 51:62

uthi: Jehova, wena ukhulumile ngale ndawo ukuba uyinqume ukuze kungabikho muntu ohlala kuyo, umuntu nasilwane, ngokuba iyakuba yihlane kuze kube phakade.

UJoweli 3:19

IGibithe liyakuba yincithakalo , u-Edomi abe yihlane lencithakal o ngenxa yendluzula e yenziwe kubantwana bakwaJuda , ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.

ULevitikusi 26:22

Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.