Skip to Content

"yimpango"

31 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 30:20

UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo ; baziqhuba phambi kwakhe , bathi: Yimpango kaDavide le.

2 AmaKhosi 21:14

Ngiyakushiya insali yefa lami , ngiyinikele esandleni sezitha zayo , ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo;

AbAhluleli 5:30

Angithi batholile babelana impango ? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye ; kuSisera impango yezingubo ezinemibala , impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo ; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.

U-Esteri 3:13

Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

U-Esteri 8:11

inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo , bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,

U-Isaya 10:2

ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni , nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho , ukuze abafelokazi babe yimpango yabo , baqhwage izintandane.

UDuteronomi 1:39

Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango , nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona , balidle.

UDuteronomi 20:14

kepha abesifazane , nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo , uyakukuthatha kube yimpango yakho , uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

UDuteronomi 2:35

izinkomo kuphela sazithathela zona zaba yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.

UDuteronomi 3:7

Kepha izinkomo nempango yemizi sakuthatha kwaba yimpango yethu.

UHabakuki 2:7

Abayikuvuka ngokuz umayo abakulumayo , bavuke abakuthuthumelisayo , ube yimpango yabo, na?

UHezekeli 25:7

bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe , ngikunqume kubantu , ngikuchithe emazweni , ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 26:5

Liyakuba yindawo yokweneka amanetha phakathi kolwandle, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova; liyakuba yimpango yezizwe.

UHezekeli 34:22

ngiyakusindisa izimvu zami , azisayikuba yimpango , ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu.

UHezekeli 34:28

Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.

UHezekeli 34:8

Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango , nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle , lokhu umalusi engekho , nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami , abelusi bezibonelela bon a, bengazalusi izimvu zami,

UHezekeli 36:5

yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;

UHezekeli 7:21

Ngiyakukunikela esandleni sabafokazi, kudliwe, nakwababi bomhlaba, kube yimpango, bakungcolise.

UJeremiya 15:13

Ngiyakunikela imfuyo yakh o nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.

UJeremiya 17:3

Intaba yami yasendle , impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

UJeremiya 21:9

Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.

UJeremiya 38:2

Usho kanje uJehova , uthi: Osele k ulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila , nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.

UJeremiya 39:18

Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe , ngokuba ungethembile , usho uJehova.

UJeremiya 45:5

Uyazifunela izinto ezinkulu na ? Ungazifuni, ngokuba bheka , ngiyakwehlisela inyama yonke okubi , usho uJehova , ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.

UJeremiya 49:32

Amakamela aso ayakuba yimpango , nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke , bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo , ngehlisele phezu kwab o izingozi ezivela nxazonke, usho uJehova.

UJeremiya 50:10

IKalideya liyakuba yimpango ; bonke abaliphangayo bayakus utha, usho uJehova.

UNumeri 14:3

UJehova usilethelani kuleli zwe , siwe ngenkemba na ? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?

UNumeri 14:31

Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango , bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.

UNumeri 31:9

Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo , nazo zonke izimvu zabo , nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.

UZakariya 2:9

Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo , babe yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumileyo.

UZefaniya 1:13

Ingcebo yabo iyakuba yimpango , nezindlu zabo incithakalo ; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo , batshale izivini , bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.