Skip to Content

"yindawo"

17 occurrences in ZUL

AmaHubo 132:13

Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni ; ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:

AmaHubo 49:14

Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa , abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa , isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

AmaHubo 84:6

Bedabula imfunda yezinyembez i bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

IsAmbulo 18:2

Yamemeza ngezwi elinamdla , yathi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu , selibe yindawo yokuhlala amademoni , nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zo nke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,

U-Isaya 32:2

Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo , njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.

UGenesise 23:20

Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u -Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.

UGenesise 23:9

ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona , ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.

UGenesise 49:30

umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku -Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela;

UGenesise 50:13

ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani , ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela , u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.

UHezekeli 25:5

Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela , abantwana bakwa- Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 26:14

Ngiyakukwenza idwala eliy inyabule, ube yindawo yokweneka amanetha ; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile , isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 26:5

Liyakuba yindawo yokweneka amanetha phakathi kolwandle, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova; liyakuba yimpango yezizwe.

UHezekeli 45:3

Kuso lesi silinganiso uyakulinganisa ubude obuyizin kulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nobubanzi obuyizinkulungwane eziyishumi, kube yindawo engcwele kakhulu.

UHezekeli 45:4

Kungokungcwele kwezwe , kungokwabapristi, izikhonzi zendlu engcwele ezisondela ukumkhonza uJehova , kube yindawo yezindlu zabo nendawo engcwele yendlu engcwele.

UJeremiya 49:33

IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhanka nencithakalo kuze kube phakade; akuyikuhlala muntu khona , nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona. Isiprofetho nge-Elamu

UJobe 39:6

engenza ihlane libe yindlu yayo , nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?

UZakariya 9:1

Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso , ngokuba uJehova uneso kubantu , ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,