Skip to Content

"yindlu"

14 occurrences in ZUL

1 iziKronike 23:11

UJahati wayeyinhloko , noZiza ngowesibili ; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise , bebalwa kanyekanye.

1 iziKronike 28:10

Bheka manje , ngokuba uJehova ekukhethile ukwakha indlu ibe yindlu engcwele, qina, ukwenze.

1 kaPetru 2:5

nakhiwe njengamatshe aphilileyo , nibe yindlu yokomoya , ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.

2 iziKronike 7:12

UJehova wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

AmaHubo 114:2

khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.

IsiLilo 2:7

INkosi yalilahla i -altare layo , yanengwa yindlu yayo engcwele , yanikela izingange zezindlu zayo zamakh osi esandleni sesitha. Ziphakamise izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.

Kwabase-Efesu 2:22

okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye , ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.

NgokukaLuka 19:46

wathi kubo : Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka , kepha nina niyenze Umhume wabaphangi .

UDaniyeli 4:30

Inkosi yathatha yathi: Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?

UGenesise 28:17

Washaywa luvalo , wathi: Yeka ukwesabeka kwale ndawo ! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.

UGenesise 28:22

naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu , nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.

UHezekeli 11:16

Thana ngabo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.

UHezekeli 36:37

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa - Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.

UJobe 39:6

engenza ihlane libe yindlu yayo , nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?