Skip to Content

"yisibonelo"

8 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 1:16

kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe , ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

1 kuThimothewu 4:11

Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo. UPawulu ululeka uThimothewu abe yisibonelo, athembeke enkonzweni

1 kuThimothewu 4:12

Makungabikho mun tu odelela ubusha bakho , kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi , nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

1 kwabaseKorinte 10:11

Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.

1 kwabaseThesalonika 1:7

naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.

2 kwabaseThesalonika 3:9

kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise.

EkaJakobe 5:10

Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.

KuThithu 2:7

uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle , nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha,