Skip to Content

"yizwani"

44 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:28

Wayesethi uMikhaya : Uma ubuya impela ngokuphila , uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke.

1 uSamuweli 22:7

USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,

2 iziKronike 18:18

UMikhaya wathi : Ngalokho yizwani izwi likaJehova : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.

2 iziKronike 18:27

Wayesethi u Mikhaya: Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke.

2 iziKronike 20:15

wathi: Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema , nawe nkosi Jehoshafati : usho kanje kini uJehova , uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu , ngokuba impi ayisiyo eyenu , ngekaNkulunkulu.

AbAhluleli 5:3

Yizwani nina makhosi ; bekani indlebe nina zikhulu ; mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova, ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

AmaHubo 34:8

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle ; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

AmaHubo 49:1

Yizwani lokhu nonke nina bantu ; bekani indlebe n ina nonke enakhileyo ezweni,

EkaJakobe 2:5

Yizwani, bazalwane bami abathandekayo . UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?

IzAga 8:33

Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.

IzEnzo 22:1

Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.

NgokukaLuka 18:6

Yayisithi iNkosi: Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile.

NgokukaMathewu 13:18

Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.

NgokukaMathewu 15:10

Wayesebabiza abantu, wathi kubo: Yizwani, niqonde.

NgokukaMathewu 21:33

Yizwani omunye umfanekiso . Kwakukhona umuntu , umninindlu, owatshala isivini , wasibiyela ngothango , wemba khona isikhamo , wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

U-Amose 3:1

Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa -Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:

U-Amose 3:13

Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe , isho iNkosi uJehova , uNkulunkulu Sebawoti.

U-Amose 4:1

Yizwani leli zwi , nina zinkomo zaseBashan i enisentabeni yaseSamariya , enicindezela abaphansi , enichoboza abampofu , enithi emakhosini enu : Lethani, siphuze.

U-Amose 8:4

Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,

U-Isaya 1:10

Yizwani izwi likaJehov a nina babusi baseSodoma , nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.

U-Isaya 1:2

Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi : Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.

U-Isaya 28:14

Ngalokho yizwani izwi likaJehov a nina bantu abadelelayo , enibusa laba bantu baseJerusalema.

U-Isaya 33:13

Yizwani nina enikude engikwenzileyo ; nani eniseduze , vumani amandla ami.

U-Isaya 42:18

Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.

U-Isaya 66:5

Yizwani izwi likaJehov a nina enithuthumela ngezwi lakhe . Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu, kepha bona bayakujabha.

U-Isaya 6:9

Yathi: Hamba usho kulaba bantu ukuthi : Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi; bonani, bonani, kepha ningazi.

UGenesise 4:23

ULameka wathi kubo abafazi bakhe : Ada noSila , yizwani izwi lami ; nina bafazi bakaLameka , lalelani ukusho kwami : Bhekani, ngibulala umunt u ngenxeba engilitholayo, nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.

UHezekeli 18:25

Kodwa nithi: Indlela yeNkosi ayilingani. Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?

UHezekeli 6:3

Nina zintaba zakwa -Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma , kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi , lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba , ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.

UHoseya 4:1

Yizwani izwi likaJehov a nina bantwana bakwa -Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni , lokhu kungekho qiniso , namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.

UHoseya 5:1

Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka -Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi , ngokuba ukwahlulela kukinina , lokhu nanilugibe eM ispa nenetha elenekwe eThabori.

UJeremiya 11:7

Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: Yizwani izwi lami.

UJeremiya 29:20

Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema.

UJeremiya 44:24

UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane : Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enisezweni laseGibithe.

UJeremiya 44:26

Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu , usho uJehova, Ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: Kuphila kukaJehova.

UJeremiya 49:20

Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehov a asinike ngo -Edomi namaceb o awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi : Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.

UJeremiya 50:45

Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehov a asinike ngeBabele namaceb o awacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe impela, ikhaya labo limangale ngabo.

UJeremiya 5:21

Yizwani lokhu nina bant u eniyiziwula neningenakuqonda , eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa.

UJobe 21:2

Yizwani nokuzwa amazwi ami; lokhu makube yinduduzo evela kini.

UJobe 34:2

Yizwani amazwi ami, nina zihlakaniphi, nibeke indlebe kimi nina zazi.

UJobe 37:2

Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.

UJoweli 1:2

Yizwani lokhu nina badala , nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni . Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?

UNumeri 12:6

Wayesethi: Yizwani manje amazwi ami : uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.

UNumeri 20:10

OMose no -Aroni babutha ibandla phambi kwedwala ; wathi-ke kubo : Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?