Skip to Content

"yobukhosi"

17 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 20:18

Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe , oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.

2 iziKronike 22:10

Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.

2 kaPetru 1:17

Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo , lapho kwafika kuye izwi elinje , livela enkazimulweni yobukhosi , lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo --

AmaHubo 145:12

ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandl a nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.

IzEnzo 12:21

Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi , wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu.

U-Esteri 2:16

U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi , eyinyanga kaThebeti , ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

U-Esteri 5:1

Kwathi ngosuku lwesithathu u -Esteri wembatha ingubo yobukhosi , wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi ; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobuk hosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.

U-Isaya 39:7

Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe , oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.

U-Isaya 63:15

Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho : kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na ? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.

UDaniyeli 11:45

Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.

UDaniyeli 4:30

Inkosi yathatha yathi: Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?

UDaniyeli 4:4

Mina Nebukadinesari ngangihlezi ngokuthula , ngatamasa endlini yami yobukhosi.

UDaniyeli 6:18

Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.

UGenesise 49:10

Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda , nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.

UHezekeli 17:13

Yayisithatha owenzalo yobukhosi, yenza isivumelwano naye , yamngenisa phansi kwesifungo, yasusa abakhulu bezwe,

UNumeri 21:18

umthombo ezawumba izikhulu , abawugubha abakhulu babant u ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo. Basuka ehlane, baya eMathana.

UNumeri 24:17

Ngiyambona, kepha kungemanje ; ngiyambheka, kodwa kun geseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSheti.