Skip to Content

"yomhlaba"

59 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 19:15

UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu ka- Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi , wena un guNkulunkulu, wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.

2 AmaKhosi 19:19

Manje, Jehova Nkulunkulu wethu , ake usisindise esandleni sakhe u kuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu , yebo, wena wedwa.

2 iziKronike 36:23

Usho kanje uKoresi , inkosi yasePheresiya , uthi: U Jehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda . Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.

AmaHubo 22:27

Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula , iphendukele kuJehova , nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

AmaHubo 2:8

Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.

AmaHubo 46:9

Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba ; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

AmaHubo 47:7

Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!

AmaHubo 48:10

Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

AmaHubo 59:13

Ziqede ngokuthukuthela , ziqede zingabe zisabakho ; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela

AmaHubo 67:7

UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

AmaHubo 68:32

Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu, nidumise iNkosi, Sela

AmaHubo 72:8

Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle , kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

AmaHubo 74:17

Nguwena ow amisa yonke imikhawulo yomhlaba ; nguwe owenza ihlobo nobusika.

AmaHubo 97:5

Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.

AmaHubo 98:3

Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka -Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

IsAmbulo 11:4

Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

IsAmbulo 7:1

Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba , ukuze kungavunguzi moya emhlabeni , naselwandle, nakowodwa umuthi.

IsiLilo 2:15

Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe , bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?

IzAga 17:24

Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo , kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.

IzAga 27:26

kukhona izimvu zokuba wembathe , nezimpongo ukuba zibe yintengo yomhlaba.

IzAga 30:4

Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na ? Ngubani igama lakhe , ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?

IzEnzo 3:25

Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uN kulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku -Abrahama: Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.

KumaHeberu 11:38

izwe elingabafan ele bona , behamba emahlane , nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba.

NgokukaLuka 11:31

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane , iwalahle; ngokuba yavela emikhawulw eni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

NgokukaLuka 12:12

ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona leso sikhathi okufanele nikukhulume. Umlimi onothileyo. Iminako yomhlaba

NgokukaMathewu 12:42

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

U-Amose 3:2

Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba ; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.

U-Ezra 1:2

Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya , uthi: UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.

U-Isaya 24:16

Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba , athi: Udumo malu be koLungileyo! Kepha mina ngithi : Ngifile, ngifile! Maye kimi ! Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.

U-Isaya 37:16

Jehova Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi , wena unguNkulunkulu , wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba , wena wenzile izulu nomhlaba.

U-Isaya 37:20

Manje, Jehova Nkulunkulu wethu , sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.

U-Isaya 40:28

Awazi yini ? Awuzwanga na ? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba ; akapheli amandla , akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

U-Isaya 41:5

Iziqhingi ziyakubona , ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela ; isondele, isifikile.

U-Isaya 41:9

wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba , ngakubiza emagumbini awo, ngathi kuwe: Wena uyinceku yami, ngikukhethile, angikulahlanga;

U-Isaya 42:10

Mhubeleni uJehova ihubo elisha , nodumo lwakhe , kusukela emikhawulweni yomhlaba , nina enehlela elwandle nakho konke okukulo , nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.

U-Isaya 43:6

Ngiyakusho kuyo inyakatho , ngithi: Balethe, nakuyo iningizimu : Ungabagodli. Lethani amadodana ami akude , namadodakazi am i ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,

U-Isaya 48:20

Phumani eBabele , nibalekele amaKaledi , nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu , nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.

UDuteronomi 28:25

UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezi tha zakho , uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo , ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.

UGenesise 12:3

Ngiyakubabusisa abakubusisayo , nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa ; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.

UGenesise 28:14

Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi , wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.

UJeremiya 10:13

Lapho elizwakalisa izwi lakhe , kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba , enzele imvula unyazi , awukhiphe umoya endlini yengcebo.

UJeremiya 15:4

Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya , inkosi yakwaJuda , ngalokho akwenza eJerusalema.

UJeremiya 24:9

Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba , babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.

UJeremiya 25:32

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bheka, okubi kuyaphum a kwesinye isizwe kuye kwesinye, nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.

UJeremiya 29:18

Ngiyakubalandela ngenkemba , nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba , babe yisiqalekiso , nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,

UJeremiya 31:8

Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho , ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga , abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye , babuyele lapha beyibandla elikhulu.

UJeremiya 34:1

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , lapho uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe , nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo , lathi:

UJeremiya 34:17

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Nina aningilalelanga u kuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo , yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka , usho uJehova, nginikhululele inkemba , nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.

UJobe 28:24

Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.

UJobe 30:6

Bahlala ezigodini ezesabekayo, nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.

UJobe 37:13

awafikise abe luswazi, afike ngenxa yomhlaba noma ngenxa yomusa.

UJona 2:6

Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba ; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade . Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini , Jehova Nkulunkulu wami.

UJoshuwa 23:14

Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke ; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.

UJoshuwa 3:11

Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.

UJoshuwa 3:13

Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abath wala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke , eyakuma emanzini aseJordani , amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.

UMika 4:13

Suka ubhule , ndodakazi yaseSiyoni , ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi , nezinselo zakho ngizenze insimbi ; uyakuchoboza abantu abaningi, kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

UZakariya 14:17

Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba , baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula.

UZakariya 4:14

Yayisithi: Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.

UZakariya 6:5

Ingelosi yaphendula, yathi kimi : Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.