Skip to Content

"yomhlatshelo"

7 occurrences in ZUL

2 iziKronike 7:12

UJehova wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

ULevitikusi 4:10

njengalokho kwasuswa kuyo inkunzi yomhlatshelo weminikelo yokuthula , umpristi akushise e-altare lomnikelo wokushiswa.

ULevitikusi 7:15

Inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula ongowokubonga iyakudliwa ngosuku lokunikela kwakhe, angashiyi lutho lwayo kuze kuse.

ULevitikusi 7:17

kepha okusele enyameni yomhlatshelo ngosuku lwesithathu kuyakushiswa ngomlilo.

ULevitikusi 7:18

Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo ; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.

ULevitikusi 7:20

Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe , lowo mu ntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 7:21

Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo , adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.