Skip to Content

"zaba"

38 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:13

Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa -Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu.

1 iziKronike 26:12

Lezo zigaba zabalindisango , izinhloko zabantu , zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.

1 uSamuweli 6:14

Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu ; babanda inqola yaba yizinkuni , banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

2 uSamuweli 4:1

Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u -Abineri ufile eHebroni , izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.

AbAhluleli 15:14

Lapho efika eLehi , amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi elishiswe ngomlilo , nezibopho zakhe zancibilika , zasuka ezandleni zakhe.

AbAhluleli 5:30

Angithi batholile babelana impango ? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye ; kuSisera impango yezingubo ezinemibala , impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo ; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.

AmaHubo 106:36

Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.

AmaHubo 119:54

Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami.

AmaHubo 39:5

Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla ; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe ; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela

AmaHubo 74:4

Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana , zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.

AmaHubo 74:5

Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe emithini eminyeneyo.

AmaHubo 89:40

Udilizile zonke izindonga zakhe , wazenza i zinqaba zakhe zaba yincithakalo.

IsAmbulo 4:11

Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu weth u ukwamukela inkazimulo nodumo namandla , ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.

IsAmbulo 7:14

Ngase ngithi kulo: Nkosi yami, nguwe owaziyo. Lase lithi kimi : Laba yibo abaphuma osizini olukhulu , bahlanza izingubo zabo , bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.

IsiLilo 1:14

Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe , zaba yijoka ; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami . INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.

IzEnzo 19:8

Wayesengena esinagogeni , wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu , eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.

IzEnzo 9:9

Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.

NgokukaLuka 22:44

Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela , izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.

NgokukaLuka 9:28

Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka.

NgokukaLuka 9:29

Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela.

NgokukaMarku 9:3

Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qw a, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka.

NgokukaMathewu 17:2

Waphenduka esinye isimo phambi kwabo ; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.

U-Amose 2:8

bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

U-Amose 6:12

Amahhashi ayagijima emadwaleni , kulinywa elwandle ngezinkabi , na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu , nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,

U-Eksodusi 10:23

Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.

U-Eksodusi 17:12

Kodwa izandla zikaMose zaba nzima ; bathatha itshe , walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo ; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe , omunye engalapha, omunye engalapha ; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.

U-Isaya 31:7

Ngokuba ngalolo suku bayakulahla , kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.

U-Isaya 51:10

Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na?

U-Isaya 59:17

Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha , wazembesa ukushisekela njengengubo.

UDuteronomi 2:35

izinkomo kuphela sazithathela zona zaba yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.

UGenesise 11:3

Base bethi omunye komunye : Wozani, ake senze izitini , sizishisise. Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume laba ludaka lwabo.

UHezekeli 34:5

Zazihlakazekile, ngokuba umalusi wayengekho; zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, zahlakazeka.

UHezekeli 34:8

Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango , nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle , lokhu umalusi engekho , nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami , abelusi bezibonelela bon a, bengazalusi izimvu zami,

UJeremiya 34:11

Kepha emva kwalokho baphenduka , bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe , zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.

UJeremiya 50:43

Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo , izandla zayo zaba buthakathaka ; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.

UJoshuwa 7:5

Amadoda ase -Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha , abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi , ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.

UZakariya 7:11

Kepha bala ukulalela , baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.

UZakariya 7:12

Benza izi nhliziyo zabo zaba yidayimani , funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.