Skip to Content

"zabantu"

82 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:2

UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu : Hambani nibale u - Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.

1 iziKronike 26:12

Lezo zigaba zabalindisango , izinhloko zabantu , zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.

1 kaPetru 2:12

nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe , ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi , ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Ukuthobela izimiso zabantu ngenxa yeNkosi

1 kaPetru 2:13

Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi , nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu,

1 kaPetru 4:2

ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 13:1

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi , kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

1 kwabaseKorinte 7:23

Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu.

1 uSamuweli 11:4

Izithunywa zafika eGibeya likaSawule , zakhuluma lawo mazwi ezindlebe ni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.

1 uSamuweli 14:38

USawule wathi: Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.

1 uSamuweli 15:4

USawule wayesebiza abantu , wababala eThelayimi , izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda.

2 AmaKhosi 18:26

Base bethi u -Eliyakimi indodana kaHilikiya noShebina noJowa kuRabi Shake: Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi -Aramu, ngokuba siy aluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.

2 iziKronike 24:23

Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase -Aramu yakhuphukela kuye , yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.

2 iziKronike 32:19

Bakhuluma ngoNkulunkulu waseJerusalema njengangawonkulunkulu babantu bomhlaba abangumsebenzi wezandla zabantu.

2 uSamuweli 15:13

Kwafika umbiki kuDavide, wathi: Izinhliziyo zabantu bakwa -Israyeli zilandela u-Abisalomu.

2 uSamuweli 15:6

Wenze njalo u-Abisalomu ku bo bonke abakwa -Israyeli abeza enkosini ngamacala; u-Abisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.

2 uSamuweli 19:14

Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: Buya wena nazo zonke izinceku zakho.

AbAhluleli 20:2

Izinhloko zabantu bonke , izizwe zonke zakwa -Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu , abantu abayimigundatshani ; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba.

AbAhluleli 7:3

Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu , uthi: Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi ! Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili , kwasala abayizinkulungwane eziyishumi.

AmaHubo 113:8

ukuze amhlalise nezikhulu, yebo, izikhulu zabantu bakhe.

AmaHubo 18:43

Wangikhulula ezimpini zabantu ; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe ; abantu engingabaziyo bangikhonza.

AmaHubo 31:20

Ubafihla ekusithekeni kobuso bakh o ngenxa yezigungu zabantu ; ubalondoloza edokodweni ekuxabaneni kwezilimi.

AmaHubo 3:6

Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.

AmaHubo 47:9

Izikhulu zabantu zibuthene , zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka -Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.

IzEnzo 17:25

futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho , yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;

IzEnzo 1:24

Base bekhuleka bethi : Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke , ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo

KumaHeberu 2:17

Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke , ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu , kube yinhlawulo yezono zabantu.

KumaHeberu 5:3

ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.

KumaHeberu 9:7

kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka , kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,

KwabaseKolose 2:22

okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu

NgokukaLuka 12:1

Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

NgokukaLuka 19:47

Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla . Kepha abapristi abakhulu , nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala.

NgokukaLuka 24:7

ethi: INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.

NgokukaLuka 7:1

Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu , wangena eKapernawume.

NgokukaLuka 9:44

Khwezani lawo mazwi ezindl ebeni zenu , ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.

NgokukaMarku 9:31

ngokuba wabafundisa abafundi bakhe , wathi kubo : INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu , bazakuyibulala; kuthi isibulewe , izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.

NgokukaMathewu 17:22

Besahambahamba eGalile , uJesu wathi kubo : INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu;

U-Amose 9:10

Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba , zona ezithi : Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele. Ukubuyiswa kuka-Israyeli

U-Eksodusi 11:2

Khuluma manje ezin dlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe , yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.

U-Eksodusi 24:7

Wathatha incwadi yesivumelwano , wayifunda ezindlebeni zabantu ; bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.

U-Ezra 4:4

Abantu balelo zwe base bedangalisa izandla zabantu bakwaJuda, babesabisa ekwakheni,

U-Isaya 36:11

Base be thi o-Eliyakimi noShebina noJowa kuRabi Shake : Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi -Aramu, ngokuba siyaluzwa , ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.

U-Isaya 65:22

Abayikwakha, kuhlale omunye ; abayikutshala, kudle omunye , ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi , nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.

U-Isaya 66:24

Bayakuphuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi , ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima , babe yisinengiso kuyo yonke inyama.

UDaniyeli 9:20

Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u - Israyeli, ngiletha u kunxusa kwami phambi kuk aJehova uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami,

UDuteronomi 17:7

Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala , ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho. Imithetho yabahluleli neyamakhosi

UDuteronomi 32:44

UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu , yena noJoshuwa indodana kaNuni.

UDuteronomi 33:21

Wazikhethela isabelo sokuqala , ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu , wafeza ukulunga kukaJehova , nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.

UDuteronomi 33:5

Waba yinkosi eJeshuruni , lapho izinhloko zabantu zazibuthene , zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye.

UDuteronomi 4:28

Lapho niyakukhonza onkulunkulu , umsebenzi wezandla zabantu , imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.

UGenesise 23:13

Wakhuluma ku -Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe , wathi: Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu ; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.

UGenesise 25:23

UJehova wathi kuye : Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili ; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho ; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.

UHabakuki 2:17

Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela , ukuchithwa kwezilwane kukwesabise , ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

UHabakuki 2:8

Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi , bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

UHezekeli 11:1

UMoya wangiphakamisa , wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabi li nanhlanu ; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka -Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya , izikhulu zabantu.

UHezekeli 21:31

Ngiyakuthulula phezu kwakho intukuthelo yami , ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami , ngikunikele ezandlen i zabantu abanonya , abayizingcweti zokuchitha.

UHezekeli 32:9

Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi , lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni emazweni ongawazanga.

UHezekeli 7:27

Inkosi iyakulila , isikhulu siyakwembatha incithakalo , nezandla zabantu bezwe ziyakuhlushwa; ngiyakwenza kubo njengezindlela zabo , ngibahlulele njengezimfanelo zabo, bazi ukuthi nginguJehova.

UHoseya 4:8

Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.

UJeremiya 12:16

Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi : Kuphila kukaJehova, njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.

UJeremiya 28:7

Kepha mawuzwe leli zwi engilikhuluma ezindlebeni zakho nasezindlebeni zabantu bonke ngokuthi:

UJeremiya 32:19

omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike , kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;

UJeremiya 33:5

Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.

UJeremiya 36:10

UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni l ikaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.

UJeremiya 36:13

UMikhaya wazitshela onke amazwi ayewezwile , lapho uBaruki eyifunda incwadi ezindlebeni zabantu.

UJeremiya 36:14

Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki , zathi: Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho , uze nawo . UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.

UJeremiya 36:6

Hamba wena , ufunde emqulwini owulobileyo , uthathe emlonyeni wami , amazwi kaJehova ezindl ebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.

UJeremiya 38:4

Zase zithi izikhulu enkosini: Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo , ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.

UJeremiya 39:8

AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo , azidiliza izingange zaseJerusalema.

UJeremiya 41:9

Umgodi u -Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u -Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.

UJeremiya 9:22

Khuluma! Usho k anje uJehova , uthi: Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.

UJobe 10:5

Imihla yakho injengemihla yomuntu na ? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?

UJobe 33:16

khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,

UJobe 37:7

Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.

UJoshuwa 1:10

UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi:

UJoshuwa 7:5

Amadoda ase -Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha , abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi , ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.

UMika 5:5

Ukuthula kuyakuba yilokhu : lapho umAsiriya engena ezweni lakithi , anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

UNehemiya 10:14

Izinhloko zabantu : oPharoshi, noPhahati Mowabi , no-Elamu, noZathu, noBani,

UNehemiya 11:1

Izinduna zabantu zahlala eJerusalema ; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJ erusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.

UNehemiya 11:24

UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.

UNehemiya 13:1

Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu ; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

UNehemiya 8:3

Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi , kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.

UNumeri 25:4

UJehova wathi kuMose : Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.