Skip to Content

"zabapristi"

18 occurrences in ZUL

1 iziKronike 28:13

nangezigaba zabapristi nezamaLevi , nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova;

1 iziKronike 28:21

Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo naba yizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.

2 iziKronike 31:2

UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo , kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe , abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze , babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova,

2 iziKronike 36:14

Zonke izikhulu zabapristi nabantu baphambuka kakhulu ngezinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaJehova ayingcwelisileyo eJerusalema.

2 iziKronike 8:14

Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundl eni zawo ukuba adumise , akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla , nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango , ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.

U-Ezra 10:5

Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u- Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke.

U-Ezra 2:69

zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide , namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.

U-Ezra 8:24

Ngase ngahlukanisa ezikhulwini zabapristi abayishumi nambili: oSherebiya, noHashabiya, nabafowabo abayishumi kanye nabo,

U-Ezra 8:29

Lindani, nikugcine, nize nikulinganise ngaphambi kwezikhulu zabapristi nezamaLevi nezikhulu zawoyise bakwa -Israyeli eJerusal ema emakamelweni endlu kaJehova.

UJoshuwa 3:13

Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abath wala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke , eyakuma emanzini aseJordani , amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.

UJoshuwa 3:15

nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani , izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna,

UJoshuwa 4:18

Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani , amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo , amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo , aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

UJoshuwa 4:3

niwayale nithi : Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani , endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile , amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.

UJoshuwa 4:9

UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.

ULevitikusi 10:11

nize nifundise abantwana bakwa -Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose. Izabelo zeminikelo zabapristi

UNehemiya 13:30

Ngase ngibahlambulula kukho konke okwabezizwe , nganquma izimfanelo zabapristi namaLevi, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe,

UNehemiya 7:70

Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi ; umbusi wanikelela isikhwama amadarike ayinkulungwane egolide , nezitsha ezingamashumi ayisihlanu , nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.

UNehemiya 7:72

Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide , namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.