Skip to Content

"zabezizwe"

17 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 16:3

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 17:8

bahamba ngezimiso zabezizwe uJehova abaxosha phamb i kwabantwana bakwa-Israyeli nezamakhosi akwa-Israyeli azenzileyo.

2 AmaKhosi 21:2

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 iziKronike 28:3

Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu , washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 iziKronike 33:2

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 iziKronike 36:14

Zonke izikhulu zabapristi nabantu baphambuka kakhulu ngezinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaJehova ayingcwelisileyo eJerusalema.

AmaHubo 135:15

Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

IzEnzo 21:11

yena wafika kithi , wathatha uqhotho lukaPawulu , wazibopha izinyawo nezandla, wathi: Usho njalo uMoya oNgcwele , uthi: U muntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema , bamkhaphele ezandleni zabezizwe.

KumaHeberu 11:34

bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.

KwabaseGalathiya 2:15

Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe;

KwabaseRoma 1:17

Ngokuba ukulunga kukaNku lunkulu kwambulwa kulo , kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi : Olungileyo uzakuphila ngokukholwa. Intukuthelo kaNkulunkulu ngezono zabezizwe

NgokukaLuka 21:24

Bayakuwa bedliwa yinkemba , bathunjelwe ezizweni zonke ; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.

UGenesise 10:5

Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo , kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.

UGenesise 35:2

Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye : Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu , nizihlambulule nina , niziphendulele izingubo zenu,

UGenesise 35:4

Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo , namacici ayesezindlebeni zabo ; uJakobe wakuthukusa phansi kwe -oki elalingaseShekemi.

UZakariya 1:21

Ngathi: Laba bafike ukwenzani na? Wakhuluma wathi: Leziya ziyizimpondo ezazimhlakaza uJuda ngangokuba kungabangakho muntu ophakamisa ikhanda lakhe , kepha laba bafikile ukubashaya ngovalo , bawise phansi izimpondo zabezizwe ezaziphakamisa uphon do ngezwe lakwaJuda ukuba lihlakazwe.

UZakariya 8:23

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.