Skip to Content

"zakhuluma"

6 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 11:4

Izithunywa zafika eGibeya likaSawule , zakhuluma lawo mazwi ezindlebe ni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.

1 uSamuweli 18:23

Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindle beni zikaDavide . UDavide wathi: Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?

1 uSamuweli 25:40

Izinceku zikaDavide sezifikile ku -Abigayili eKarmeli , zakhuluma kuye , zathi: UDavide usithumile kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.

1 uSamuweli 25:9

Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda.

2 AmaKhosi 5:13

Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu , ngabe ungayenzanga na ? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: Geza, uhlambuluke, na?

UNumeri 36:1

Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase , abemindeni yamadodana kaJosefa , zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,