Skip to Content

"zamalevi"

9 occurrences in ZUL

1 iziKronike 15:16

UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha , izingubhu, namahabhu, namasimbali, bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.

1 iziKronike 9:33

Kepha abanye , abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi , babe semakamelweni bekhululekile kokunye , ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.

2 iziKronike 35:9

OKhonaniya, noShemaya, noNethaneli, abafowabo, noHashabiya noJehiyeli, noJozabadi, izinduna zamaLevi , bawanika amaLevi amawundlu ayizinkulungwane eziyisihl anu nezinkabi ezingamakhulu ayisihlanu , kube ngokweminikelo yephasika.

UNehemiya 11:16

noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,

UNehemiya 12:24

Izinhloko zamaLevi nazi : oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.

UNehemiya 9:4

Kwase kukhwela ezikhwelweni zamaLevi oJeshuwa , noBani, noKadimiyeli, noShebaniya, noBuni, noSherebiya, noBani, noKhenani, bamemeza ngezw i elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.

UNumeri 3:32

U-Eleyazare indodana ka -Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.

UNumeri 3:41

Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa -Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 3:45

Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo , amaLevi abe ngawami; nginguJehova.