Skip to Content

"ze"

65 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:50

U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni ; wasuka wahamba , wabamba izimpondo ze-altare.

1 AmaKhosi 1:51

Kwabikwa kuSolomoni ukuthi : Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze -altare, ethi: Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.

1 AmaKhosi 2:28

Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u - Adoniya noma engamlandelanga u -Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.

1 kwabaseKorinte 4:11

Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile , somile, sihamba ze , siyamuhluzwa, siyimihambima,

1 uSamuweli 20:18

UJonathani wayesethi kuye : Kusasa iyakwe thwasa inyanga ; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze.

1 uSamuweli 6:3

Bathi: Uma nimukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawumukisi ze, kepha anobuyisela nokubuyisela kuye umnikelo wecala ; khona niyakuphiliswa, kwazeke kini ukuthi isandla sakhe asisuswa ngani kini.

2 iziKronike 28:15

Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma , abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze , abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla , abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka , abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.

2 kwabaseKorinte 5:3

ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze.

2 kwabaseThesalonika 2:17

makaduduze izinhliziyo ze nu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.

AmaHubo 118:27

UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

EkaJakobe 2:15

Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze , beswela ukudla kwemihla ngemihla,

IsAmbulo 16:15

Bheka, ngiyeza njengesela ; ubusisiwe olindayo , alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.

IsAmbulo 3:17

Ngokuba uthi: Ngicebile, kangiswele lutho, kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;

IsAmbulo 3:18

ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo uku ze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.

IsAmbulo 9:13

Ingelosi yesithupha yayisibetha ; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:11

USolomoni wayenesivini eBali Hamoni ; wasinika isivini kubaphathi ; baletha, kwaba yilowo nalowo , izinhlamvu eziyinkulungwane ze siliva ngezithelo zaso.

KwabaseRoma 8:35

Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na ? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?

NgokukaJohane 21:7

Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru : YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle.

NgokukaLuka 1:53

Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze.

NgokukaLuka 20:10

Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa ze.

NgokukaLuka 20:11

Waphinda wathuma enye inceku ; naleyo bayishaya , bayidumaza, bayimukisa ze.

NgokukaMarku 12:3

Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze.

NgokukaMarku 14:52

Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.

NgokukaMathewu 25:36

ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.

NgokukaMathewu 25:38

Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na?

NgokukaMathewu 25:43

ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambanga.

NgokukaMathewu 25:44

Khona bayakuphendula nabo, bathi: Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi , noma uhamba ze , noma ugula , noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?

U-Amose 3:14

Ngokuba mhla ngiyakumhambela u -Israyeli ngeziphambeko zakhe , ngiyakuhambela nama -altare aseBethele , kunqunywe izimpondo ze -altare, ziwe phansi.

U-Eksodusi 27:6

Uyakwenza izinti ze-altare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi.

U-Eksodusi 27:7

Izinti zalo ziyakufakwa emasongweni , izinti zibe sezinhlangothini zombili ze-altare, nxa lithwalwa.

U-Eksodusi 29:12

Uthabathe igazi lenkunzi, ulibhece ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakho, uthulule lonke igazi phansi ngase-altare.

U-Eksodusi 38:3

Wazenza zonke izinto ze -altare, amakhanzi, namafosholo, nezitsha, nezimfoloko, nemicengezi yomlilo; wazenza zonke izinto zalo ngethusi.

U-Eksodusi 38:30

Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, ne-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke ze-altare,

U-Eksodusi 38:7

Wazifaka izinti emasongweni ezinhlangothini ze -altare ukuba lithwalwe ngazo; walenza ngamapulangwe laba yigobongo.

U-Isaya 20:2

ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika -Isaya indodana ka - Amose, wathi: Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho , ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho . Wenze njalo , wahamba ze , akafakanga nazicathulo.

U-Isaya 20:3

UJehova wathi : Njengalokhu inceku yami u -Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu , iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe,

U-Isaya 20:4

kanjalo inkosi yase -Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe , abasha nabadala , behamba ze , bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.

U-Isaya 55:11

liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.

U-Isaya 58:7

Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho , nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho , nokwembesa ohamba ze , lapho umbonayo , nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?

UDuteronomi 15:13

Nxa umyekela ukuba ahambe, awuyikummukisa ze.

UGenesise 2:25

Babehamba ze bobabili, u-Adamu nomkakhe, bengenamahloni.

UGenesise 31:42

Uma ebengenami uNkulunkulu kababa , uNkulunkulu ka -Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze . UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami , wakusola ubusuku obudlule.

UGenesise 37:28

Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani ; bamdonsa uJosefa , bamkhuphula emgodini , bathengisa ngoJosefa kwabakwa -Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili ze siliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.

UGenesise 3:10

Wathi: Ngizwe izwi lakho ensimini , ngesaba ngokuba ngihamba ze ; ngalokho ngacasha.

UGenesise 3:11

Khona wathi: Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na ? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?

UGenesise 3:7

Ayesevuleka amehlo abo bobabili , babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.

UGenesise 47:9

UJakobe wathi kuFaro : Izinsuku ze minyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu ; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami , azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.

UHezekeli 43:13

Lezi zaziyizilinganiso ze -altare ngezingalo , ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso , nobubanzi buyingalo ; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;

UHezekeli 43:18

Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nazi izimiso ze -altare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.

UJeremiya 50:9

Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu , livela ezweni lasenyakatho , lizihlelele lona , linqotshwe lapho ; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.

UJoshuwa 6:11

Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzunge ze umuzi , wawuhaqa kanye; base befika ekamu, balala ubusuku ekamu.

UJoweli 1:13

Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 16:18

Uyakuphuma, aye e -altare eliphambi kukaJehova , alenzele ukubuyisana , athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.

ULevitikusi 1:5

Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze -altare elingasemnyango weten de lokuhlangana.

ULevitikusi 23:40

Ngosuku lokuqala anothabatha izithelo ze mithi emihle , namagatsha amasundu, nezingatsha zemithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nethabe phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa.

ULevitikusi 4:18

Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze -altare eliphambi kukaJehova , elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se -altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.

ULevitikusi 4:25

Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe , alibhece ezimpondweni ze -altare lomnikelo wokushiswa , igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.

ULevitikusi 4:30

Umpristi wothabatha igazi lawo ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa , lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.

ULevitikusi 4:34

Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe , alibhece ezimpondweni ze -altare lomnikelo wokushiswa , lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.

ULevitikusi 4:7

Umpristi abhece igazi ezimpondweni ze -altare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana ; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni se -altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyan go wetende lokuhlangana.

ULevitikusi 8:15

Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi , walibheca ezimpondweni ze -altare nxazonke ngomunwe wakhe , waliphothula i -altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.

ULevitikusi 9:9

Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye ; wagcobhoza umunwe egazini , walibheca ezimpondweni ze -altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se - altare;

UMika 1:8

Ngenxa yalokho ngiyakukhala , ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe , ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.

UNumeri 4:14

babeke kuyo zonke izinto zalo abakhon za ngazo kulo , imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze -altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi, bafake izinti zalo.

UmShumayeli 5:15

Njengalokho aphuma esizalweni sikanina , uyakubuye amuke , ahambe ze njengasekufikeni kwakhe , engatholi lutho ngomshikashika wakhe , ahambe nalo esandleni sakhe.