Skip to Content

"zendlu"

66 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:21

Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo , kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

1 AmaKhosi 6:15

Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emiseda ri; kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.

1 AmaKhosi 6:29

Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle.

1 AmaKhosi 6:5

Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini ; wenza amaka melo asezinhlangothini nxazonke;

1 AmaKhosi 6:6

uphondo lwangaphansi lwaluyizingalo eziyisihlanu ububanzi balo , noluphakathi lwaluyizingalo eziyisithupha ububanzi balo , nolwesithathu lwaluyizingalo eziyisikhombisa ububanzi balo ; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.

1 AmaKhosi 7:50

nezindebe, nezizenze, nezitsha, nezinkezo, nemicengezi yomlilo, ngegolide elicwengekileyo, nezingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi , indawo engcwelengcwele, nezivalo zendlu yethempeli.

1 iziKronike 24:5

Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka -Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.

1 iziKronike 28:21

Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo naba yizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.

1 iziKronike 9:29

Abanye kubo babemiselwe impahla , nezitsha zonke zendlu engcwele , nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.

2 AmaKhosi 12:12

nabakha ngamatshe , nababaza amatshe , nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa izimfa zendlu kaJehova , yebo, konke okwakhishelwa indlu ukuyilungisa.

2 AmaKhosi 12:5

makuthathwe ngabapristi, kube yilowo nalowo kumngane wakhe , balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.

2 AmaKhosi 12:6

Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.

2 AmaKhosi 12:7

Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi , yathi kubo: Anilungisi ngani izimfa zendlu na ? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.

2 AmaKhosi 12:8

Abapristi bavuma ukuba bangabe besamukela imali kubantu, futhi bangazilungisi izimfa zendlu.

2 AmaKhosi 13:6

Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera wasala eSamariya.

2 AmaKhosi 22:5

bayibeke esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova, bakhokhele ngayo abasebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukulungisa izimfa zendlu,

2 iziKronike 22:3

Naye wahamba ngezindlela zendlu ka -Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.

2 iziKronike 24:14

Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada , benza ngayo izitsha zendlu kaJehova , izitsha zokukh onzela nezokunikelela , nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva . Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.

2 iziKronike 24:7

Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi , ayeyichithile indlu kaNkulunkulu , nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.

2 iziKronike 28:24

U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu , wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJeh ova, wazenzela ama -altare emagumbini onke aseJerusalema.

2 iziKronike 29:3

Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.

2 iziKronike 36:10

Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eB abele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova , yabeka uSedekiya , umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.

2 iziKronike 36:18

Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu , ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo , konke lokho wakuyisa eBabele.

2 iziKronike 36:7

UNebukadinesari wayisa ezinye izitsha zendlu kaJehova eBabele, wazibeka ethempelini lakhe eBabele.

2 iziKronike 4:22

nezizenze, nezitsha, nezinkezo, nemicengezi yomlilo , ngegolide elicwengekileyo; iminyango-ke yendlu, izivalo zayo ezingaphakathi zendawo engcwelengcwele nezivalo zendlu yethempeli, zaziyigolide.

2 iziKronike 9:20

Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekil eyo, isiliva lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

AmaHubo 122:5

Ngokuba kumisiwe khona izihlalo zokwahlulela , izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.

NgokukaMathewu 10:6

kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.

NgokukaMathewu 15:24

Kodwa waphendula wathi: Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.

U-Eksodusi 38:27

Amatalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo , izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu , italenta ngonyawo.

U-Esteri 1:8

Ukuphuza kwaya ngomthetho wokuba kungacindezelwa muntu , ngokuba inkosi yayiyalile zonke izinduna zendlu yayo ukuba zenze njengokuthanda kwabantu abanye ngabanye.

U-Ezra 1:7

UKoresi inkosi wakhipha izinto zendlu kaJehova , uNebukadinesari ayezikhiphile eJerusalema wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe,

U-Ezra 5:14

Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha e thempelini laseBabele , zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi;

U-Ezra 5:16

Wayesefika lowo Sheshebasari , wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo , kayikapheli.

U-Ezra 6:5

futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu , uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele , mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema , kube yileso naleso endaweni yaso , zibekwe endlini kaNkulunkulu.

U-Ezra 8:17

Ngabathuma k u-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya , ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku -Ido nakubafowabo amaNethini endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu.

U-Isaya 43:28

Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele , ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.

UDaniyeli 1:2

INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu , waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.

UDaniyeli 5:23

kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini ; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho ; wena nezinduna zakho , nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo , utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni , abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe , nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.

UGenesise 31:37

Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami , uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na ? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.

UGenesise 50:7

Khona uJosefa wakhuphuka ukuyommbela uyise ; zakhuphuka n aye zonke izinceku zikaFaro , nezikhulu zendlu yakhe , nezikhulu zonke zezwe laseGibithe,

UHezekeli 18:15

Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa - Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;

UHezekeli 18:6

engadli ezintabeni, engaphakamisi amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwa - Israyeli, engangcolisi umkamakhelwane wakhe , engasondeli kowesifazane ekungcoleni kwakhe;

UHezekeli 41:10

Phakathi kwamakamelo kwakukhona ububanzi obuyizingalo ezingamashumi amabili nxazonke zendlu emaceleni onke.

UHezekeli 41:26

Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme , nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu , nasesivikelweni.

UHezekeli 41:5

Wayeselinganisa udonga lwendlu : yizingalo eziyisithupha ; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.

UHezekeli 41:7

Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke , ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka nja lo nxazonke zendlu ; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.

UHezekeli 44:5

UJehova wathi kimi : Ndodana yomuntu , beka inhl iziyo yakho , ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikukhuluma kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nangayo yonke imithetho yayo , uqaphele indawo yendlu yokungena nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.

UHezekeli 45:19

Umpristi uyakuthatha kulo igazi lomnikelo wes ono, alibhece ezinsikeni zendlu, nasemagumbini omane onqenqema lwe -altare, nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi.

UHezekeli 45:4

Kungokungcwele kwezwe , kungokwabapristi, izikhonzi zendlu engcwele ezisondela ukumkhonza uJehova , kube yindawo yezindlu zabo nendawo engcwele yendlu engcwele.

UHezekeli 45:5

Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo.

UHezekeli 46:24

Wathi kimi: Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.

UHezekeli 6:11

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Shaya ngesandla sakho , udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli! Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.

UHezekeli 8:10

Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo , nezilwane ezinengekayo , nazo zonke izithombe zendlu ka -Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.

UJeremiya 27:16

Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane. Ngokuba baprofetha amanga kini.

UJeremiya 28:3

Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,

UJeremiya 28:6

yebo, umprofethi uJeremiya wathi : Amen, makenze njalo uJehova , awaqinise amazwi akho owaprofethayo , kubuyiswe izitsha zendlu k aJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.

ULevitikusi 14:37

Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu , linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga,

UMika 1:5

Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?

UMika 3:1

Ngathi: Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe , nani zikhulu zendlu yakwa - Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga

UMika 3:9

Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa- Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,

UMika 6:16

Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.

UNehemiya 10:39

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele , newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele , nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.

UNehemiya 13:8

Kwaba kubi kakhulu kimi; ngalahla phandle zonke izinto zendlu kaThobiya zikhishwe ekamelweni.

UNehemiya 13:9

Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.

UNumeri 3:31

Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama- altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo , neveli, nayo y onke inkonzo yalokho.