Skip to Content

"zezintaba"

12 occurrences in ZUL

AbAhluleli 9:25

AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyo ndlela; kwabikwa ku-Abimeleki.

AbAhluleli 9:36

Lapho uGali ebona abantu , wathi kuZebule : Bheka, kwehla abantu eziqongweni zezintaba . UZebule wathi kuye : Uyabona amathunzi ezintaba kungathi ngabantu.

AmaHubo 18:7

Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.

AmaHubo 95:4

Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba ; iziqongo zezintaba ngezakhe nazo.

U-Isaya 17:9

Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya pha mbi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.

U-Isaya 42:11

Ihlane nemizi y alo makujabul e nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari , bahube abakhile emadwaleni, benanele beseziqongweni zezintaba.

UDuteronomi 32:22

Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami ; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi , uqede umhlaba nezithelo zawo , wokhele izisekelo zezintaba.

UDuteronomi 33:15

nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo , nangamagugu amagquma angunaphakade,

UGenesise 8:5

Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi . Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.

UHezekeli 6:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.

UHoseya 4:13

Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki nemipopula nemitherebinte , ngokuba umthunzi wakho muhle ; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.

UJoweli 2:5

Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba , njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabib i nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.